Izindaba

Bakhalela ubulungiswa 'ngobulawe' esikhungweni esisiza imilutha yezidakamizwa

Zimbili Vilakazi|Published

MNUZ Mduduzi Luthuli

Image: SITHUNYELWE

ZIFUNA ubulungiswa izihlobo zowesilisa waseDanganya, eMgababa, kulandela ukushaywa kwakhe aze ashone esikhungweni esisiza imilutha yezidakamizwa. 

Ngokuthola kweSolezwe, uMnuz Mduduzi Luthuli (23), ushaywe waze washona, ekade ezama ukweqa esikhungweni iDiscipline Boot Camp SA ngoJanuwari 22. 

Ngokusho kwesihlobo esikhathazekile esicele ukungadalulwa, unina kamufi wathola ucingo ngalolu suku, luthi umufi akekho esimeni esikahle, ngakho akalunge, kuzofika imoto imthathe, banikele esibhedlela.

Isihlobo sithe nebala unina kamufi nabanye bomndeni banikela esibhedlela iRichmond, nokuyilapho befike bezwa khona ngomhlengikazi ukuthi othandiweyo wabo akasekho emhlabeni.

"Wabatshela ukuthi ababange besavuma nokuthi angene ngaphakathi esibhedlela njengoba bethole ukuthi abesikhungo, bamlethe esevele engasekho," kusho isihlobo. 

Siveze ukuthi umndeni uzwe ngesinye isisebenzi sesikhungo ukuthi umufi ufa nje, ubeshaywa, emva kokubanjwa ezama ukweqa.

Sithe ngesikhathi umndeni usuya emakhazeni kahulumeni eMgungundlovu, lapho isidumbu sikamufi siyiswe khona, bathole ukuthi ulimele kanzima.

"Ekhanda utishiwe, okukhombisa ukuthi ubenenxeba elivulekile. Ubuso bebuvuvukele, enemivimbo umzimba wonke," kuchaza isihlobo. 

Sithe okubaphatha kabi wukuthi kuze kube yimanje umnikazi wesikhungo akakaze abachazele ukuthi kwenzekeni umufi eze eshona.

Sithe ufone kanye ethembisa ukuthi uzoza emndenini, nokungenzekanga, kwathi uma esefonelwa, ebhekwa, wakhala ngokuthi useCape Town.

Ukhale ngokuthi abantu balesi sikhungo abawuphathanga kahle umndeni kamufi njengoba phezu kokungazitholi izincazelo ngokufa kwakhe, nezingubo zakhe, bahlangatshezwa ngazo endleleni, beyozilanda.

“Ungathi babengafuni nokuthi unina kamufi aze asondele esikhungweni, yikho ahlangatshezwa yimoto, eyamnika izingubo, okwathi uma ezibheka, wathola ukuthi aziphelele,” kusho isihlobo.

"Sifuna izimpendulo zokuthi obani abamshaye waze wafa. Uma sebevelile, sifuna bathathelwe izinyathelo ngecala lokumbulala ngesihluku," usho kanje. 

Uveze ukuthi umufi ubehanjiswe khona ngoJanuwari 10 nonyaka ngenhloso yokuthi alekelelwe ayeke izidakamizwa. 

Uthe yena ubesakhiphe u-R3 500 ngokuya kukamufi esikhungweni, waveza ukuthi ukuhlala kuso kuba wu-R2 500 ngeviki.

Kuvela ukuthi unina ukhethe ukumyisa khona ezama ukusheshe amnqande ezidakamizweni abesenovalo lokuthi zizomenza aphume esandleni.

Umsunguli we-boot camp, uMnuz Lucky "King Madlokovu" Mngadi ethintwa yiSolezwe uthe uma kwenzeka into enje kuye kube khona umseshi, ngakho okwamanje akakwazi ukuphawula.

“Ngike ngaxhumana nonina (kamufi), ngisazoya futhi khona ngiyohlangana nabo ngibaduduze. Ngeke ngikwazi ukuphawula kakhulu ngoba kusafanele ngithole udaba olugcwele kuzo zombili izinhlangothi njengoba lwenzeke ngingekho. Kube yishwa nje ukuthi kwenzeke into enje,” kusho uMngadi.

Police comment...