ABEFUNDISI bamahlelo ehlukene benhlangano, iReformed Independent Church Association, abasola isandla semfene ngokugqunywa ejele kukaMbhishobhi Michael Sandlwana
Image: SITHUNYELWE
BAVUTHA bengabaselwe abefundisi bamahlelo ehlukene benhlangano, iReformed Independent Church Association (RICA) abasola isandla semfene ngokugqunywa ejele kukaMbhishobhi Michael Sandlwana webandla i-International Pentecostal Holiness Church (IPHC).
Kuzokhumbuleka ukuthi lwaba yindaba egudwini udaba lukaMbhishobhi Sandlwana owakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-2021, ngemuva kokuba ezinikele yena emaphoyiseni.
Nokho uphinde waphuma wase ephinde eboshwa ngoNovemba wonyaka owedlule, ngecala lokugwazela iJaji laseNkantolo eNkulu yasePitoli, uPortia Phahlane, ngemali elinganiselwa ku-R2.4 million eyifaka kuma-akhawunti asemabhange ehlukene. Kusolakala ukuthi lokhu kwenzeka phakathi kuka-2021 no-2022.
Ngokwezinsolo, lokhu kuthiwa uMbhishobhi Sandlwana wakwenza ngenhloso yokuthi inkantolo ikhiphe isinqumo esivuna uhlangothi lwakhe ecaleni lombango webandla. Ngemuva kokuvela kwalezi zinsolo ezibucayi, uphiko loKlebe ngoNovemba 5, lubophe uMbhishobhi Sandlwana, iJaji uPhahlane, Mnuz Vusi Ndala noKagiso Phahlane oyindodana yejaji.
Laba abanye uMbhishobhi aboshwe nabo bangaphandle ngebheyili. Kodwa bonke abathintekayo kuleli cala kulindeleke ukuba bavele eNkantolo eNkulu yasePitoli, ngoMashi 6.
Wayekade evulelwe amacala enkohlakalo ngamalungu ebandla lakhe ayekade emsola ngokusebenzisa budedengu imali yebandla. Kwahlaluka ukuthi ibandla lihlukene pahakathi, icala lona walivulelwa wuhlangothi olweseka umfowabo omncane.
Ekhuluma eLight House Church KwaMashu esithangamini sabezindaba, uMbhishobhi uSandile Ndlela ukhale ngokuthi bafuna ukubona ubulungiswa ngendlela elisingathwa ngalo icala likaSandlwana.
Uthe le nhlangano inomuzwa wokuthi uyacindezelwa uSandlwana ekubeni kungafanele kwenzeke kanjalo ngoba phela akakalahlwa yicala futhi akakagwetshwa.
''Akwenziwe ubulungiswa, asiphathe wonke umuntu ngokulingana. Akungabi bikho umuntu ozophathwa kube sengathi uselahlwe yicala ekubeni kungenjalo. Sikhuluma nje into eyodwa yokuthi makwenziwe ubulungiswa,'' echaza.
Eqhuba uthe izinkantolo kumele zazi ukuthi indaba yokuholwa kwebandla ibucayi futhi kwesinye isikhathi nazo izinkantolo ziyehluleka ukwenza into efanele, kunalokho ziqhubekezela phambili udweshu.
Wenze isibonelo ngokungenelela kwenkantolo yaseThekwini nezinye ezindabeni zobuholi bebandla lakwaShembe, wathi zehluleka, kunalokho zaqhubekezela phambili udweshu.
''Udaba lokuholwa kwebandla yinto engelula nje nhlobo. Sikholwa ukuthi kumele kube yinto ephathwa ngobunono nangokucophelela okukhulu,'' usho kanjena.
Uthe bona abafuni ukubonakala njengabantu abathatha uhlangothi oluthize, wathi noma kunjalo kodwa kuyabakhathaza kakhulu indlela ababona sengathi ucindezelwa ngakhona uSandlwana.
Ngokusho kukaNdlela, ngabe benza elikhulu iphutha leli uma bengase bakushaye indiva abakubona kwenzeke komunye wabo ebese bemane bayadembesela nje, kunalokho uthe bazobhukula kuze kufezeke abakufunayo.
“Ukunqatshelwa kukaSandlwana ibheyili ekubeni beyitholile abekwe nabo icala nakho lokho kukuveza ngokusobala ukungabi bikho kobulungana kuleli cala.”
Uthe uma kusho ukuthi basuke KwaZulu-Natal baze bafinyelele lapho okuqhubeka khona icala, lokho abanqeni ukukwenza inqobo nje uma izwi labo nokukhalaza kwabo kuzogcina kufinyelelile lapho okumele kufike khona.
"Thina asingeni kakhulu kulokhu kumbango kodwa singena endleleni esibona sengathi ayihambi kahle uma kukhulunywa ngokuphathwa kukaSandlwana. Akumele umuntu aphathwe sakujeziswa isinqumo senkantolo sungakaphumi,'' echaza.
Uveze ukuthi nakuba bengeke baze bagxambukele ekuholweni kwaleli bandla kodwa bayazi ukuthi umuntu omdala uyena okumele angene uma umholi engasekho. Udalule ukuthi leli bandla liholwa ngokomndeni.
Kulesi simo uthe wonke umuntu uyazi ukuthi uSandlwana uyena omdala kunomfowabo.
UMbhishobhi Mambo Mkhize naye ukhale ngento efanayo ethi kubonakala bungekho nje nhlobo ubulungiswa endleleni aphethwe ngayo uSandlwana.
Uthe izwe likhululekile manje kumqoka ukuba bonke abantu baphathwe ngendlela efanayo, kungabi bikho ozobonakala ecindezelwa kumbe ekhishwa inyumbazane.
''Sifuna ukuthi ukukhononda kwethu kufinyelele bakuzwe ukuze izoshintsha indlela abomthetho abenza ngayo izinto,'' usho kanjena.
Enkantolo kwaphinde kwavela nezinsolo ezithi uSandlwana usebenzisa omazisi abathathu. Kwavela nokuthi usolwa ngemizamo yokuzithathela imali yomkakhe bengavumelene.
Isolezwe litholile ukuthi zimapeketwane izinto kuleli bandla njengoba lihlukene kabili kukhona abeseka uSandlwana kukhona abeseka umfowabo omncane.