Izindaba

Limlahlile owasula igazi ngesigqoko sikazakwabo maqede wamdubula

Nkosikhona Cele|Published

Inkantolo yaseNtuzuma

Image: Sigciniwe

KUHAYIZE owomndeni eNkantolo yesiFunda yaseNtuzuma, ngesikhathi abemhambele elahlwa ngecala lokubulala umuntu ayesebenza naye, owaqala ngokusula igazi lakhe ngesigqoko sikamufi ngaphambi kokuba ambulale.

Ummangalelwa kuleli cala, uVuyani Ngubane (23) kuvela ukuthi wadubula wabulala uMnuz Xolani Stanley Mkhize (21) esigamekweni esenzeka ebhusha iCicephu eNanda, ngoJulayi 30, 2023.

Udweshu kuthiwa lwaqala ngesikathi uNgubane ephumela emnyango eqhumisa phezulu isibhamu sakubukisa amahlandla amaningana nje impela kanti uzolimala kabuhlungu esandleni.

Kuthiwa kwathi esebuyela ngaphakathi ebhusha isandla sakhe sasesivuza igazi, kwala noma esezama ukulisula ngethishu. 

Kuthiwa kwathi uma ebona ukuthi igazi liyaqhubeka nokuvuza wamane waqonda nje ngqo kumufi owayehlezi eyedwa wafika kuyena wamhlithwa isigqoko sakhe ayekade esithwele, wabe esesula ngaso igazi maqede wambuyisela.

Lokhu kuthiwa kwamnenga kakhulu umufi kodwa wabuye wehlisa umoya. Ngemuva kwesikhashana, uMkhize waphumela emnyango eyobamba ucingo lwakhe kanti uNgubane nabangani bakhe bazomlandela.

Esephandle umufi, kuthiwa omunye wabangani bakammangalelwa akachithanga sikhathi, wamphuca iselula yakhe ngemuva kwalokho uNgubane wase evele emdubula ebusweni kubuka wonke umuntu.

Umufi waphuthunyiswa emtholampilo waseNewtown C, eNanda, ngoba wayesaphefumula. Nokho kuthiwa kwafike kwamenela esefike khona.

Ngemuva kwalokho, kuthiwa uNgubane wagcwala amathafa amaphoyisa ayesezithendeni zakhe agcina embamba njengoba akhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoSepthemba 30, ngawo u-2023, emva kokuba kutholwe umkhondo wakhe ase enikela khona emaChobeni, eNanda.

Izolo inkantolo ikhiphe isinqumo ngaleli cala. IMantshi yesiFunda uMotala iqale ngokusola ummangalelwa ngokukhombisa okukhulu ukungazisoli ngesikhathi kuqhubeka icala. Ithe kunalokho, uvele wakhetha ukuhhubhuza akabhejane.

''Konke obukutshela inkantolo ubumane uziqambela amanga njengoba nakhu bewenzela ukuthi uphunyuke. Indlela owenze ngayo ikhombisile ukuthi awunandaba nesenzo sakho futhi akukho nokuncane nje ukuzisola onakho,'' kusho imantshi yesifunda ikhuluma ibhekise kuyena ummangalelwa.

Iqhubeka imantshi yesifunda, income kakhulu ofakazi ababili okuyibona abethula ubufakazi kuleli cala. Ikhulume nange-video eyadlalwa enkantolo lapho eyayiveza khona konke okwenzeka ngesigameko. Ithe le video yalekelela kakhulu ngoba iyona eyaveza ngokusobala ukuthi ngampela ofakazi bakhuluma okuyikho ngoba nabo bayabonakala kwi- video bekubona okwenzekayo.

Ummangalelwa ubekade ebekwe yinkantolo amacala amathathu, kuwona wonke utholwe engekho msulwa. Ubebekwe icala lokuphuca umufi iselula, elokubulala kanjalo nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni futhi esixikizwe izinombolo.

Womathathu lawa macala ummangalelwa wawaphika. Ubonakale edangala ummangalelwa ngesikhathi imantshi yesifunda imtshela ukuthi iyamlahla ngecala.

''Noma ungathini nawe uyazi ukuthi ngampela unalo icala yingakho nenkantolo ikuthola unalo,'' echaza.

Imantshi uMotala ithe bekumqoka kakhulu ukuba ikhiphe isinqumo okuyisona ukuze kuzocaca ukuthi izinkantolo ziyakwazi ukwenza umsebenzi wazo.

Umndeni kammangalelwa usale udangele waphuma unxapha enkantolo, kubonakala ukuthi kulukhuni satshe ukuba ukwamukele lokhu okwenzeka enkantolo.

Ngemuva kokuba imantshi ikhiphe isinqumo, omunye wesilisa okukholakala ukuthi ungowomndeni uhlulekile ukuzibamba, wamane wahayiza kakhulu enkantolo. Kuze kwadingeka ukuba omunye ahambe naye amkhiphele ngaphandle kwenkantolo.

Omunye womndeni kamufi uzwakale ethi: ''Nakhuya, nazoke! Siyoshisa inyama namhlanje.''

Kulindeleke ukuthi uNgubane agwetshwe ngesonto elizayo.