Izindaba

Sishiye abantu bephambene isinqumo ngomengameli wamajaji e-Eastern Cape

Fanelesibonge Bengu|Updated

IJaji uSelby Mbenenge utholwe enecala lokuba nobudlelwano nommangali uNksz Andiswa Mengo

Image: Sigciniwe

Isigcawu ebesiholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi, uJaji Bernard Ngoepe, siyithole ingenalo icala ebelingayilahlekisela ngomsebenzi inhloko yamajaji e-Eastern Cape uJaji Selby Mbenenge ebisolwa ngokuhlukumeza ngokocansi unobhala wenkantolo uNksz Andiswa Mengo. 

UMbenenge utholwe enecala ngokuthi waba nobudlelwano noMengo ngokumthumelela imiyalezo enocansi phakathi nangezikhathi zomsebenzi.

UMbenenge watshela isigcawu ukuthi wayezitshela ukuthi imiyalezo babethumelelana noMengo ngoba naye wayeyifuna. 

UMengo wathi ijaji lalimcela izithombe enqunu futhi eminye imiyalezo wayeyiphendula esaba ngoba engumphathi wakhe. 

Wathi kokunye uMbenenge wazama ukuthi amncele ubudoda bakhe emahhovisi amajaji asenkantolo. Isigcawu sikuchithile lokhu sathi akunasisekelo.