Izindaba

Kuvela ihlazo ngeloli elidale inhlekelele ebhubhise inqwaba

Nkosikhona Cele|Published

ISALE iyigobolondo itekisi etholane phezulu neloli engozini eyenzeke eSiphingo, eThekwini, izolo

Image: Doctor Ngcobo/Independent Newspapers

BAZOLUTHEZA olunenkume ababe nesandla ekutheni kudaleke isiphihli sengozi esigcine sidlula nenqwaba yemiphefumulo kubandakanyeka itekisi neloli emgwaqweni u-R102 ngaseLotus Park, eSiphingo, eThekwini, izolo.

UMphathiswa wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma, uthe bazowukhomba onotshwala okuzovela ukuthi babe nesandla ekutheni kugcine kwenzeka le ngozi enyantisa igazi.

UDuma udlulise lo myalezo ngesikhathi ehambele kuyona indawo yesibhicongo. Phakathi kwabashonile kuvelile ukuthi kukhona nengane eneminyaka engu-13 ebiya esikoleni. Kube nabanye abantu abayisikhombisa abasindile okubandakanya nomshayeli wetekisi.

Abezimo eziphuthumayo kubathathe amahora amathathu ukutakula umshayeli. Bonke abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezintathu zaseThekwini.

Umshayeli weloli yena akazange alimale. UDuma uveze ukuthi itekisi beligcwele ngokweqile ekubeni nomshayeli walo esebenzisa izincwadi zokushayela osekuphele iminyaka emithathu zaphelelwa yisikhathi. 

Uveze ukuthi neloli linamasondo angekho nhlobo esimeni wathi bekungafanele engabe likhona emgwaqweni uma likulesiya simo. Uthe umnikazi weloli kumele abhekane nomthetho.

''Umnikazi walo kumele abhekane nomthetho ngokuthi umane wakhetha ukuthi agxile ekwenzeni inzuzo kunokuba aqikekele ukuthi iloli lisesimeni esikahle sokuba semgwaqweni."

Kwenzeka le ngozi nje kuzokhumbuleka ukuthi kushone abafundi abangu-14 engozini enyantisa igazi eyenzeke eVanderbijlpark, eGauteng. Le ngozi yenzeka emva kokuba itekisi eyayilayishe abafundi ishayisana neloli.