Izindaba

SIGOQA INYANGA: Isiphakamiso ngokuhoxiswa kwama-rates ezikoleni zabaphila nokukhubazeka

Nkosikhona Cele|Published

Isiphakamiso sokuhoxisa ama-rates ezikoleni zabakhubazekile

Image: Sigciniwe

UFUNA ukuba zingawakhokhi ama-rates (intela yomhlaba kamasipala) izikole zabaphila nokukhubazeka luMphathiswa woMnyango weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu- Natal, uMnuz Martin Meyer.

UMeyer wenze lesi siphakamiso izolo ehambele isikole sabaphila nokhubazeka esiseManzimtoti, iDurban School for the Hearing Impaired.

Ukhale kakhulu ngokuthi kumele ngabe kade lwaxoxwa udaba lwama-rates nezikole zabaphila nokukhubazeka. 

Uthe esikhundleni sokuba lezi zikole zikhokhe ama-rates leyo mali kufanele ngabe ziyisebenzisela ukubhekana noxhaxha lwezinkinga athe zibonakala zigubuzele lezi zikole.

Uthembise ukuthi uzoxhumana neSalga kanye noMnyango wokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ngenhloso yokubhunga kabanzi ngenqubekela phambili kulolu daba.

''Kuyakhathza kakhulu ukubona izikole zabaphila nokhubazeka zishoda ngezinto eziningi  kangaka kodwa futhi khona lapho kumele zikhokhele ama-rates. Lesi simo asamukelekile nje nhlobo. Ngikholwa wukuthi sesifikile manje isikhathi sokuthi kuhlalwe phansi kubhungwe kabanzi mayelana nokuthi akukho yini okungenziwa ngenhloso yokubhekana ngqo nalolu daba,” usho kanjena.

Ukhulume kakhulu ngodaba lokukhahlamezeka kwengqalasizinda yesikole abesihambele. Uthe kuyakhathaza kakhulu ukuthi izikole zabaphila nokukhubazeka iningi lazo lizithola libhekene nenkinga efanayo.

Kulo nyaka oqalayo uthembise ukuthi umnyango wakhe uzobhukula wenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ziyaxazululwa izinkinga ezibhekene nezikole zabaphila nokukhubazeka ikakhulukazi lezo ezimayelana nokukhahlamezeka kwengqalasuzinda.

“Kuyinto engamukelekile nje nhlobo ukubona izikole zabaphlia nokhubazeka zibhekene nenkinga yokukhahlamezeka kwengqalasizinda ngalolu hlobo. Sizohlala phansi sibone ukuthi yikuphi okungenziwa ukuze kuxazululwe le nkinga,” usho kanjena.

Uthe bazimisele ngokusebenzisana noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal oholwa uMphathiswa uSipho Hlomuka ukuze kubonakale ukuthi yini engenziwa ukuze kulekelelwe izikole zabaphla nokukhubazeka ezibhekene nengwadla yengqalasizinda kanye nezinye nje izingqinamba ezigcina zithikameza ukufunda nokufundisa.

Uthe okwamanje basamatasa baqedela ukwakhiwa kwesikole saseMlaza, iMenzi wathi emva kwalokho bazoqala babhekane ngqo nohlelo lokwenziwa ngcono kwengqalasizinda yezikole zabaphila nokukhubazeka.

UMeyer unikele ngezipho ezinhlobonhlobo kubafundi bakulesi sikole.

Uthishanhloko wesikole, uNkk Phumlile Ngcobo, ugonyuluke ngezinselelo ezahlukene athe basebenza ngaphansi kwazo. 

Eqhulwini ukhale kakhulu ngokuthi abanabo abahlengikazi okumele ngabe bakhona bahlola  impilo yabafundi bakulesi sikole.

Uthe ukungabi bikho kwabahlengikazi kudala umsebenzi ophindiwe kothisha ekubeni kulindeleke ukuthi bafundise ngendlela efanele.

''Kubuhlungu kakhulu ukuthi isikole salolu hlobo asinabo nje nhlobo abahlengikazi. Lokhu kusiphatha kabi thina njengothisha futhi kudala ukuthi ube mningi kakhulu umsebenzi okumele wenziwe othisha," kuchaza yena.

Mayelana nenkinga yengqalasizinda uthe kufanele ngoba lesi sikole sakhiwa kudala ngakho akuthusi ukuthi isakhiwo saso asisekho esimeni esamukelekile.

UMeyer uthe inhlangano yezikole zabaphila nokukhubazeka KwaZulu-Natal, iSouth African National Association for Special Education (Sanase) ike yaba nemashi nyakenye ikhala ngezinkinga eziningi ezikoleni zabaphila nokukhubazeka.

Amalungu ale nhlangano amasha esuka eMarket Square, eMgungundlovu, aze ayofika emahhovisii kandunankulu ekhala ngezinkinga. Akhala nangokuthi aseke axhumana noMnyango wezeMfundo ngalolu daba kodwa kwafana nokuthi athela amanzi emhlane wedada.