Izindaba

Lihlehlele inyanga ezayo elikaGigaba nasolwa nabo ngenkohlakalo yaseTransnet

Nonkululeko Nhlapo|Published

UDkt Malusi Gigaba uvele enkantolo nababeyizikhulu zaseTransnet ngamacala enkohlakalo

Image: IDAC

Icala lenkohlakalo elibhekene noDkt Malusi Gigaba kanye no-Anoj Singh, owayeyi-Group Chief Financial Officer (GCFO), Brian Molefe, owayeyiGroup Chief Executive Officer (GCEO) kwaTransnet, Siyabonga Gama, owayeyiChief Executive Officer (CEO) kanye noThamsanqa Jiyane owayeyiChief Procurement Officer (CPO) lihlehliselwe umhla ka-19 kuFebhruwari ukuze liqulwe eNkantolo eNkulu yaseGauteng.

Umbuso ukuqinisekisile ngamarekhodi ukusebenza kwesaziso sokuqulwa kwecala kanye namacala kummangalelwa.

Amacala athweswe ummangalelwa ahlobene nesikhathi lapho uTransnet ebambe iqhaza ohlelweni lokuthola izitimela ukuze kwandiswe futhi kwenziwe ingqalasizinda yezitimela ibe yesimanjemanje.

Kuthiwa kwaphulwa inqubo yokukhishwa kwamathenda, iTransnet yakhipha izinkontileka ezintathu ngendlela engafanele ukuze kuthengwe izitimela ezingu-95 100 nokwaholela ekulahlekeni kwezigidigidi zamarandi.