Izindaba

IMeyo imema izitshudeni ezidinga uxhaso

Nkosikhona Cele|Published

Isikhulu seMeyo uDkt T. Makhaza nonobhala wale nhlangano uNkk S. P. Ngcongo

Image: Sithunyelwe

Inhlangano iMind Empowers Youth Organisation (MEYO), esineminyaka engu-16 isebenza ekuthuthukiseni intsha, iyaqhubeka nokuqinisa izinhlelo zayo ngokubamba iqhaza emazweni angaphandle.

Lokhu kudalulwe uSihlalo wayo, uDkt Thobani Makhaza oveze ukuthu ngo-April uzobhekisa amabombo ephesheya ngenhloso yokuyofuna uxhaso lwemali ezolekelela ekufundiseni abafundi baKwaZulu Natal nakwezinye izifundazwe.

"Kumqoka ukuthi senze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantwana bethu bayakuthola ukufunda. Akumele bagcine bengafundanga ngoba nakhu benenkinga yezezimali," usho kanjena.

Uthe selokhu iMeyo yasungulwa seyiklame indima enkulu kakhulu ekufukuleni ezeMfundo ezweni lonke.

Uthe ukholwa ukuthi ukuze iMeyo izokhula kuhle ukuthi ibe nobudlelwane nanamanye anazwe angaphandle.

Ugcizelele ukuthi imfundo yisona sikhali abantu abasha abathembe sona ukuze babe nekusasa eliqhakazile.

Wathi yingakho ke kumqoka ukuba iMeyo ibhukule ilekelele ngayo yonke indlela.

Uveze ukuthi lolu hambo luzobandakanya ukubamba iqhaza ezingqungqutheleni ezifana ne-ASETE-26 e-Istanbul nezinye ezihlelelwe inyanga ka-April.

Uthe lezi zingqungquthela zinikeza amathuba okushintshana ngolwazi lwezemfundo, ukwakha ubudlelwano bamazwe ngamazwe kanye nokuqoqwa kwezimali zokweseka izinhlelo ze-MEYO zokuthuthukisa imfundo namakhono entsha.

Ngokusebenzisa lezi zinkundla zamazwe ngamazwe, i-MEYO, iyaqhubeka nokwakha ubudlelwane namazwe omhlaba, iqoqe izimali, futhi iqhubekisele phambili umgomo wayo wokunika amandla intsha entulayo eNingizimu Afrika, igxile kakhulu emfundweni, ekuthuthukiseni amakhono nasekuvezeni amakhono ahlukahlukene.

IMeyo yaziwa kakhulu ngokuxhasa abafundi kulezi zifundo ezilandelayo .Izifundo Zobunjiniyela (Engineering Studies) – N3 kuya ku-N6:Electrical, Mechanical, Civil Engineering, izifundo zokuphatha nezamabhizinisi – N4 kuya ku-N6: human resources management, educare (Teaching) Medical secretary, legal secretary, public relations management, marketing management kanye ne-financial management.

Intsha edinga usizo lwezemfundo noma efisa ukufaka izicelo ingaxhumana ne-MEYO nge-WhatsApp ngokubhala igama elithi “MEYO” kule nombolo: 063 530 0667