UMNUZ Qhawe Ndumiso Zulu
Image: SITHUNYELWE
UKHATHAZEKILE umndeni wowesilisa waKwaMaqumbi, KwaMaphumulo, kulandela ukunyamalala kwakhe, kade ethumele imiyalezo ethusayo.
UMnuz Qhawe Ndumiso Zulu (34) obehlala eCanelands, eVerulam, ugcine ukubonwa ngoMgqibelo, kwenye yama-warehouse aseHezelmere, lapho abesebenza khona eyimenenja.
Ngokusho kwesihlobo, esizwakalise ukukhathazeka, uMnuz Lucky Zulu, uQhawe ufikile emsebenzini ehamba ngemoto yakhe yohlobo lweToyota Etios emhlophe.
“Sithole umbiko wokuthi ozakwabo baqale ukuqaphela ngezikhathi zasemini, sekubuywa ekhefini lokudla ukuthi akekho,” kusho uZulu.
Uthe ucingwe yonke indawo, kwacaca ukuthi akekho, waphinde kwaqapheleka ukuthi nemoto yakhe ayikho.
Uthe yilapho okuvele khona ukuthi kukhona imiyalezo ethusayo ayithumele asondelene nabo ngezikhathi zasekuseni ngosuku olufanayo.
Phakathi kwayo uthe ubebalula ukuthi impilo imehlule, waveza neyokuxinwa yizikweletu.
UZulu uveze ukuthi umndeni uthole ukuthi ubenenkinga yokugembula ngokweqile, abehlala ahlale azame ukukuyeka, kodwa kuphinde kutholakale esebuyele.
Uthe umndeni ukhathazekile ngokungatholakali kwakhe.
“Umndeni ubikile ngokuduka kwakhe emaphoyiseni aseVerulam ngeSonto. Kucingiwe emahlathini, edamini nakwezinye izindawo, wangatholakala,” usho kanje.
Uthe kusaqhubeka namanje ukucingwa kwakhe, wanxusa ukuthi ongaba nolwazi alekelele ngokuthinta amaphoyisa.
"Sikhathazeke kakhulu ngokunyamalala kwakhe. Uma kukhala ucingo, siba nethemba lokuthi luza nomyalezo omuhle, kodwa kungabi njalo,” kusho uZulu.
Uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi umndeni unabantu asebekhulile, abangahle bahlaselwe ukugula okuyamaniswa nokucabanga kakhulu, njengoba kuhamba izinsuku ungekho umkhondo ovelayo ngokuthi uphelelephi.
Uveze nokuthi nemoto anyamalale ehamba ngayo, nayo ayikatholakali, wathi ayikho indlela yokuthi icingwe njengoba kuvele ukuthi i-tracker yayo ibinenkinga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa aseVerulam avule idokodo lomuntu olahlekile ukuze liphenywe.
"Kunxuswa nanoma ngubani ongaba nolwazi lokuthi lona wesilisa uphi, athinte amaphoyisa aseVerulam enombolweni ethi 032 541 5231 noma ashayele eyamaphoyisa ejwayelekile ethi 08600 10111," kusho uMagwaza.
Related Topics: