Izindaba

Ummeli kaMatlala ufuna asuswe embhongampisi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Usomabhizinisi Vusimuzi 'Cat' Matlala, nomkakhe uTsakane bevele enkantolo enkulu yaseGoli

Image: Itumeleng English

Usomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala nabasolwa abane bavele kafushane enkantolo eNkulu yaseGoli ngoxhaxha lwamacala.

Lokhu kungokokuqala uMatlala evele enkantolo selokhu uMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo wamsusa eKgosi Mampuru II Correctional Facility wamyisa eBongweni, okuyijele eliqine kakhulu kwezokuphepha ezweni.

UMatlala, unkosikazi wakhe uTsakane Matlala naboshwe nabo abathathu babhekene namacala okwakha itulo lokubulala, ukushushumbisa imali nokukhwabanisa.

Wonke amadokodo abekwe endaweni eyodwa njengoba icala lasuswa  eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngomhla ka-27 Okthoba 2025.

Ngesikhathi kuqhubeka icala, ummeli kaMatlala u-Advocate Annelene Van den Heever utshele inkantolo ukuthi kukhona amaphepha asele okwenza kube nzima ukulungiselela.

Icala lizobuyela enkantolo ngoLwesihlanu mhla ka-6 Febhuwari 2026.