Ejele
Image: Sigciniwe
UMengameli Cyril Ramaphosa uyalele uNgqongqoshe wezamaPhoyisa obambile, uSolwazi Firoz Cachalia, kanye noKhomishana wamaPhoyisa - uGeneral Fannie Masemola, ukuba babumbe ithimba elizophenya bonke abachaphazelekayo kwiKhomishini kaMadlanga.
Lokhu kulandela isimemezelo sangoJulayi 13, lapho uRamaphosa amemezela ukusungulwa kwekhomishini okuyimanje iphenya ngobugebengu, ukugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa besenzisana nemigulukudu.
Izinsolo ezibucayi ezenziwa nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngoJulayi 6.
IKhomishini, eholwa yiJaji leNkantolo yoMthethosisekelo eselithathe umhlalaphansi uMbuyiseli Madlanga, elekelelwa u-Advocate Sesi Baloyi SC no-Advocate Sandile Khumalo SC, yethule umbiko wayo wesikhashana ngoDisemba 17 ngokuhambisana nesikhathi esasinqunywe umengameli.
URamaphosa usewuhlolisisile umbiko wesikhashana futhi wazamukela izincomo zawo.
Kuvele ukuthi uRamaphosa ulindele ukuthi zonke izikhungo eziqinisekisa ukuthotshelwa komthetho kanye nezobulungiswa zisebenzisane ngokushesha ekufezekiseni izincomo zombiko wesikhashana weKhomishini kaMadlanga.
Ikhomishini ithe kunobufakazi obuqand’ikhanda bokwenza okungalungile, iye yadlulisela amacala ukuze kuphenywe yizikhulu ezifanele zophiko lweSAPS, Independent Police Investigative Directorate (IPID) noma uMasipala wase-Ekurhuleni.
Lokhu kuthinta nalezi zikhulu ezilandelayo zakwaSAPS:
Ubufakazi obusobala bokuphulwa komthetho buphinde batholwa yikhomishini mayelana nalaba basebenzi abalandelayo bamanje nabake besebenza kuMasipala wase-Ekurhuleni: