Izindaba

Ngeke sesatshiswe muntu! - Jacinta Ngobese-Zuma

Zimbili Vilakazi|Published

UNKK Jacinta Ngobese-Zuma (ophethe ifulegi lakuleli) ngesikhathi ezinikela esiteshini samaphoyisa ePoint

Image: Doctor Ngcobo/ Independent Newspapers

UMSUNGULI wenhlangano iMarch and March, elwa udaba lwabokufika abakuleli ngokungemthetho, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma, uthi akukho okuzoba namandla ukubaphuca ilungelo labo lokubhikisha.

UNkk Ngobese-Zuma ubekhuluma ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa, iPoint, eSouth Beach, eThekwini, lapho obekuthiwa akazinikele khona izolo, kulandela ukuvulelwa icala lokuphehla udweshu emphakathini.

Lokhu kuza emva kwemibhikisho ebiholwa yiMarch and March kanjalo nezinye izinhlangano ezinomuzwa ofanayo ezifana ne-Operation Dudula kanjalo neMKP ngaphandle kwesikole, i-Addington Primary ngeledlule.

Imibhikisho ibimayelana nesikhalazo sokuthi kukhona inqwaba yezingane zakuleli ezingazitholanga izikhala zokufunda kulesi sikole okuthiwa sigcwele inqwaba yezingane zabokufika.

UNkk Ngobese-Zuma utshele abezindaba ukuthi ukubhikisha kungelinye lamalungelo abantu futhi akekho ongabaphuca lona.

“Asikho isitatimende samaphoyisa esingasivimba. Akukho kusatshiswa ngamaphoyisa okungasivimba. Akukho nokukodwa okungasiphuca lelo lungelo lokuthi siphume siye laphaya, sifike sibhikishele ukuthi izingane zabakuleli zifakwe esikoleni sakuleli,” usho kanje.

Uveze ukuthi uthe uma efika ngaphakathi esiteshini samaphoyisa, uthole umphenyi omtshele ukuthi ufuna isitatimende kubona (March and March).

Uthe ngokuboniswa abameli bakhe, bakhethe ukuthi bazinike isikhathi ukusibhala ngoba akuyena yedwa obekwa icala kodwa kukhona ne-Operation Dudulu kanjalo neMKP ngombhikisho ababanawo ngoLwesithathu olwedlule. 

Uthe basebumnyameni ngokuthi elani ngempela icala ababekwa lona.

“Uma sibekwa icala, kungani singabekwanga lona ngalolo suku? Kwakunenqwaba yamaphoyisa laphayana, kanjalo namaveni awo. Uma kwakukhona ababekubona ukuthi akukho emthethweni, kwakufanele sibekwe icala khona lapho,” usho kanje.

Umkhankaso weMarch and March uqale ngoMashi nyakenye, kanti ulwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho.

Ubonakele uba mandla esibhedlela i-Addington, eSouth Beach nyakenye, lapho amalungu enhlangano ebekanisa ngaphandle kwesibhedlela afune ukubona amaphepha avumela abokufika ukuthi babe kuleli ngaphambi kokuba bangene ngaphakathi.

Ubonakele nakwezinye izindawo KwaZulu-Natal kanjalo nakwezinye izifundazwe. Ngesikhathi kuvulwa izikole, amalungu enhlangano, okufaka phakathi naye uNkk Ngobese-Zuma, banikele esikoleni i-Addington, kulandela ukuthola isikhalazo sokuthi kukhona izingane zabakuleli ezingu-66 ezingathathwanga yilesi sikole.