MBEKEZELI LINDANI MAGASELA
Image: SITHUNYELWE
BAFUNA busukunyelwe ubugebengu osekunesikhathi budla lubi edolobheni lasoLundi, kubulawa ngesihluku indodana yelungu lesigungu sikazwelonke kwiNFP.
UMbekezeli Lindani Magasela (19) obephasele unyaka wesibili eCedara College of Agriculture eMgungundlovu, kuthiwa ugwazwe wafa amaphara edolobheni lasoLundi, ngoLwesine.
Kuthiwa amgwazele iselula nobhakha, agcine ekuthatha, yena eselimele.
Ngokusho kukayise, uMnuz Nkosikhona Mlangeni, umufi uhlaselwe esanda kuphuma emqashweni wabazala bakhe, abeyobabona isikhashana.
Uveze ukuthi umufi ubehlala nabafowabo komunye umuzi wakhe (uyise) oselokishini kwa-C, yena (uyise) ehlala koseNhlungwane.
“Ngosuku lwesigameko ubeyojima enkundleni yebhola kwa-C, ngamshayela ucingo ngimthuma ukuthi ayongithengela izimpahla ezithize ePlaza, bese eyangiphathisela zona. Wenze njengoba ngisho, wase esala esedlula emqashweni wabazala bakhe. Ulinyazwa nje, ubesanda kuphuma kuwona, esegoduka,” kusho uMlangeni.
Uthe ngoba ubengakahambi ibanga elide, owesifazane obembonile ephuma emqashweni wabazala bakhe, wuye ombone ehlaselwa, wagijima wazobabikela ukuthi nangu egwazwa amaphara.
“Banikele endaweni yesigameko, bangishayela nocingo bengazisa. Ngishayele abama-ambulensi, baze afika emva kwehora,” usho kanje.
Uthe abazala nomphakathi osheshe wafika esigamekweni, bamfice esaphila ezama ukuphakama kodwa kukhombisa ukuthi uphelelwa amandla.
“Abama-ambulensi bafike sekonakele, sebeqinisekisa ukuthi akasekho,” usho kanje.
Ukhale ngokuthi udaba lwamaphara ludala, wathi kufanele ingabe kukhona obese kwenziwe ngawo ukugwema izigameko zalolu hlobo.
“Kudala ikhulunywa indaba yawo, kushiwo ukuthi sebephelile abantu ebagwaza. Mhlawumbe ukube kukhona obekwenziwa, ngabe akusehlelanga lokhu. Ingathi ingasukunyelwa le nto,” kusho uMlangeni.
Uchaze indodana yakhe njengomuntu obesithanda isikole, ezimisela, ehlonipha futhi ewuthanda umndeni, wathi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kwakhe.
USotswebhu weNFP eZululand, uMnuz Siphamandla Ntombela, ukuqinisekisile ukuthi side isikhathi kunenkinga yamaphara abulala abantu kule ndawo.
“Cishe isiphelile iminyaka emine ehlala kujantshi wesitimela. Siyafisa umasipala, amaphoyisa neziphathimandla zakwaloliwe zilusukumele lolu daba ngoba sekunesikhathi eside amaphara ewuhlupho ngobugebengu bokubulala abantu,” kusho uNtombela.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli ngalolu daba.
Related Topics: