SBONGIMPILO Mzobe
Image: SITHUNYELWE
KUKHALWA ngesihlava sokucwaswa kwabathandana nabantu abanobulili obufana nobabo KwaXimba, eCato Ridge, kulandela ukubulawa ngesihluku komunye wabo.
UMnuz Sbongimpilo "Shanah" Mzobe (19) waseNumber 9, kuthiwa ubulawe ngendlela engaqondakali ngeSonto. Isidumbu sakhe ebesihleshulwe isitho sangasese sitholwe sintanta emfuleni ongezansi kwakubo. Umufi ubegcine ukubonwa ephila wumndeni wakhe emahoreni ambalwa ngaphambi kokutholwa kwesidumbu.
Kuvele ukuthi ngale kokulinyazwa kwesitho sangasese, ingalo eyodwa ibisontekile, kwathi enye yaba nomhuzuko, okukhombisa ukuthi wahudulwa phansi ngaphambi kokuba aphoswe emfuleni. Kuvele nokuthi ubephuma igazi emehlweni, emlonyeni ekhihliza amagwebu.
Isishoshovu senhlangano iLGBTQ+ Community KwaZulu-Natal, uNksz Hlengiwe Buthelezi, siveze ukuthi KwaXimba kusagcwele inqwaba yabantu abangayizwa eyabantu abathandana nabobulili obufana nobabo.
“Leya ndawo isenabantu abasancike kakhulu emasikweni esintu nezindlela zakudala zokuphila nokwenza kube nzima ukuthi bamukele, baphinde bayijwayele indaba yabantu abathandana nabanobulili obufana nobabo,” kusho uNksz Buthelezi.
Uthe lokhu kuyisimo esilukhuni ikakhulukazi uma kubhekwa iqiniso lokuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila impilo yakhe ngendlela afisa ngayo.
Uveze ukuthi nakuba umufi etholakale engxenyeni yesizwe sakwaMdluli, esakhelene nesaKwaXimba, bake basebenzisana nesizwe sakwaMdluli, eside isikhathi beyiLGBTQ+, ngenhloso yokuqeda ngalesi sihlava.
Uveze ukuthi ngesikhathi beqala lowo mkhankaso eminyakeni embalwa edlule, zaziyinsakavukela izigameko zokuhlukunyezwa kwabathandana nabanobulili obufana nobabo.
Enza isibonelo uthe, kukhona isigameko sowesifazane owake washaywa kanzima uyise wengane yomunye wesifazane ayethandana naye phambilini. Uthe unina wengane wayesahlukana noyise wayo kodwa kwathi uma esethola ukuthi uthandana nomunye wesifazane, wamshaya lowo wesifazane ngelinye ilanga.
Uveze ukuthi owesilisa ngesikhathi eshaya owesifazane, wayekhipha amagama athi: “Zilwele ngoba uthi uyindoda”.
UNksz Buthelezi uthe ziyabathikameza izigameko zokubulawa kwabo ngoba zikhombisa ukuthi kuningi okusafanele kwenziwe ngesihlava.
Unxuse izinhlaka zomphakathi ezehlukene ukuthi zisukume, zibambisane ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu bayafundiseka ngabathandana nabanobulili obufana nobabo nokuthi izigameko ezifuze esikaShanah azenzeki.
Ngesikhathi Isolezwe libhala udaba lokufa kukaShanah, umndeni waveza izinsolo zokuthi ubulawe umuntu wendawo futhi amaziyo njengoba asabela ngendlela ekhombisa ukuthi umuntu owayembizela ngaphandle, uyamazi. Lokhu kuthiwa kwenzeka entathakusa, emahoreni ambalwa ngaphambi kokuba atholwe ebulewe.
Related Topics: