Inkantolo yesiFunda ePinetown
Image: Sigciniwe
BAMSOLA ngokuthi uzama ukudlala umacashelana nenkantolo owesilisa waseKoffie Farm, KwaNdengezi, okuvele eyokuthi uzoyohlolwa isimo sengqondo njengoba eboshelwe icala lokubulala umakhelwane.
UMnuz Sibongiseni Mbhele nabanye, oMnuz Bongumusa Mkhonto noMnuz Sboniso Phungula - asolwa nabo ecaleni lokubulala umakhelwane ngesihluku - bebevele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, izolo.
Basolwa ngecala lokubulala uMnuz Kholwani Cele (34) okuthiwa wabulawa ngo-Okthoba 23, 2025, maqede wabelethiswa itshe, waphonswa emfuleni uMngeni. UCele ubelokhu ethathwa njengodukile kusukela ngaleso sikhathi kwaze kwaba uMbhele - ongumsolwa wokuqala - uyagonyuluka ngokumbulala esizana nasolwa nabo.
Ngaphakathi enkantolo ummeli wakhe ozimele, wenze isicelo sokuthi ahlolwe ingqondo njengoba enomlando wokuthikamezeka komqondo.
Owomndeni kamufi, uMnuz Sbonelo Cele, uthe babona sengathi uzama ukudlala umqondo umsolwa uma eveza eyokuthikamezeka komqondo.
“Uyazenzisa nesikholwa ukuthi kuhambisana neqhinga lakhe ngakwenzile. Ufuna ukuthi kubambezeleke icala, lize lisuke emehlweni omphakathi,” kusho uCele.
Uthe kungamampunge ukuthi unomlando wokuthikamezeka ngokomqondo, waveza eyokuthi uwumuntu ohlakaniphile futhi ozinike isikhathi ehlela eyokubulala umufi.
“Waqala ukuzenza omkhulu umngani kaKholwani ezinyangeni ezimbili ngaphambi kokuba ambulale. Ubewumuntu ongaphuzi kodwa wabuqala enzela ukuthi basondelane ngoba uKholwani ubephuza,” kusho uCele.
Uthe wayesefika njalo kubo, eze kumufi, baphuze utshwala ndawonye.
“Wayeze afike ewuphethe ubhiya, bawuphuze. Lokhu kukhomba ukuthi wayeyihlela kahle eyokumbulala. Kangangoba sisola ukuthi nangosuku ambulala ngalo ubafo, asikholwa ukuthi wamthatha ngenkani, wambiza nje kahle, naye waya ngoba engamxwayi,” usho kanje.
Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo, bobabili abameli babasolwa batshele inkantolo ukuthi abasolwa bayasilaxaza isicelo sebheyili. UMbhele ubemelwe ozimele, kuthi uMkhonto noPhungula bemelwe okahulumeni.
UCele uthe bayasemukela isinqumo sabasolwa ngoba bekuzoba nzima ukuphinde babhekane nabo endaweni kulandela into abayenzile.
“Sibona sengathi bebebona nabo ukuthi umphakathi awusabadingi. Besisasho nje ukuthi asazi ukuthi sizohlala kanjani nabo uma kungenzeka bededelwa ngebheyili. Besingafuni bayithole ngoba asazi bebezohlalaphi uma bededelwa,” kusho uCele. Uthe bebekhathazeke ngokuthi ngeke bakwazi ukulawula umphakathi odiniwe.
“Ukuphuma kwabo bekuzosifaka ekukhulumeni siwumndeni,” usho kanje.
Uqhube wathi abakholwa ukuthi yiso ngempela lesi sizathu asitshele amaphoyisa, esenze wabulala umufi.
UMbhele ngesikhathi egonyuluka emaphoyiseni, wawatshela ukuthi umufi umbulalele ukuthi ubethandana nomkakhe.
UCele uthe: “Asikholwa ukuthi yisona sizathu lesi. Sisola ukuthi sikhona esinye asifihle ngale, okuyisona sona.”
Uthe lokhu ukusho ngoba bobabili umufi nomkamsolwa, ababukeki bengabantu ebebengaganga emakhoneni.
Imantshi, uNkk Wendolyn Robinson ilihlehlisele uMashi 4, icala ukuze kuqhutshekwe nophenyo, nokuthi kwenziwe uhlelo lokuthi uMbhele ayohlolwa ingqondo.
Enkantolo bekugcwele kuvalwe ngomuntu emnyango. Kuphoqe ukuthi kusale inqwaba ngaphandle, ingasekho indawo yokuhlala. Selisongiwe icala, umphakathi obuwotha ubomvu, wenze umbhikisho ngaphandle kwenkantolo, usola umsolwa wokuqala ngokuzenzisa kulandela ukuvela kokuthi kufanele ayohlolwa ingqondo.
Inkantolo yesiFunda ePinetown
Image: Sigciniwe
Related Topics: