Izindaba

Yayikhulunyiwe eyama-video kaBonginkosi Khanyile ngezibhelu

Nomonde Zondi|Published

Bonginkosi Khanyile

Image: Supplied /NPA

ISINQUMO sokuthi uMnuz Bonginkosi Khanyile athumelele uNkk uDuduzile Sambudla-Zuma, oyindodakazi kaMengameli weMKP, uMnuz Jacob Zuma, ama-video asiziqondanelanga nje, babekhulume kaningi ngokwakwenzeka ngezibhelu zango-2021 konke kwiWhatsApp.

Lokhu kushiwo wuKhanyile izolo ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe eNkantolo yesifunda yaseThekwini.  

UKhanyile usolwa ngokugqugquzela izibhelu ezaqala ngoJulayi 9, 2021. Wayefuna ukuba kudedelwe uZuma owayeboshelwe ukuziba umyalelo wenkantolo mayelana nokungaveli kwakhe kwikhomishini eyayiphenya ngokulawulwa  koMbuso yidlanzana.

Utshele inkantolo ukuthi isinqumo sokuthi athumele ama-video akhe enxenxa abantu ukuthi baqhubeke bashise izwe kuNkk Zuma-Sambudla ngoJulayi 10, 2021, awamananga aziqondanela. 

UMshushisi woMbuso, u-Advocate Yuri Gangai ubuze uKhanyile ngezinsuku okwaqoshwa ngazo ama-video abonakala kuwo enxenxa umphakathi ukuthi uqhubeke ushise izwe, uvale imigwaqo kuze kube wukuthi uZuma uyadedelwa.

Uphendule ngokuthi aqoshwa phakathi kukaJulayi 18 kuya ku-26, 2021.

UGangai ukhumbuze uKhanyile ukuthi ngesikhatih ethula ubufakazi bakhe eholwa wuMbuso wayekubeke kwacaca ukuthi aqoshwa ngoJulayi 26, 2021. 

UKhanyile utshele uGangai ukuthi kwakukulezo zinsuku, ngeke akwazi ukusho usuku oluqondile. 

“Ngifuna ukukutshela njengamanje ukuthi udukisa inkantolo ngamabomu,” kusho uGangai.

UKhanyile umphendule ngelithi uvumelekile ukuthi abeke umbono wakhe, njengoba naye uGangai evumelekile ukuthi enze okufanayo.

UGangai uqhubekile nokumcindezela kakhulu uKhanyile, embuza ukuthi kungani phambilini akwazi ukukhumbula ukuthi ama-video athathwa ngoJulayi 26. UKhanyile uthe wakhumbula ngoba badla inyama emva kokuthi eseqedile ukukhuluma, banikwa inyama yamahhala wumuntu odayisa inhloko emgwaqweni. 

“Manje usuyakhumbula ukuthi kwakunguJulayi 26?” kubuza uGangai. UKhanyile uphendule ngelithi kungenzeka kube olunye lwalezo zinsuku.

Ebuzwa ngemiyalezo ayithumelela uNkk Duduzile Zuma-Sambudla ngoJulayi 10, uKhanyile uthe akuvelanga kwaziqondanela nje, babekukhulume konke nendodakazi kaZuma, uNkk Zuma-Sambudla.

Ngokobufakazi obusenkantolo, uKhanyile wayethumela ama-video kuNkk Zuma-Sambudla, awalandelise ngombhalo. 

UGangai umyalele ukuthi afunde umyalezo kaWhatsApp awuthumela kuNkk Zuma-Sambudla mayelana nama-video akhe ekhuluma nezihlwele. 

“Enye yaserenki yamatekisi eMlaza, iyeza. Ngiyayithumela. Abantu bami noMengameli Zuma, khululeka,” kufundeka umyalezo. 

Icala liyaqhubeka.