Izindaba

Kukhona okusina kumjeqeza uBrown Mogotsi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kukhona okusina kumjeqeza uBrown Mogotsi ongafuni ukuyofakaza ePhalamende

Image: X

Ikomidi lesikhashana ePhalamende linqume ukufaka isicelo enkantolo usomabhizinisi waseNorth West uBrown Mogotsi ngemuva kokuthi enqabile ukuhambisana nesicelo sokuvela phambi kwalo.

Ikomidi kulindeleke ukuthi lilalele ubufakazi bukaPaul O'Sullivan noMogotsi kuleli sonto.

UMogotsi ufune iPhalamende ukuthi lixhase abaqaphi bakhe bezokuphepha, nokuholele ekutheni kube nohide lokukhathazeka ngenqubo kumalungu ekomiti.

Ebika ekomidini, uNobhala uVhonani Ramaano uthe uMogotsi uqale wacela ukuvikeleka ophikweni lwezokuphepha ePhalamende. Nokho, ngesikhathi kwenziwa isicelo sokumhlangabeza nokumphelezela uma efika, uMogotsi ubuye washintsha. 

URamaano uqhube wathi naphezu kwemizamo yokuhlelela uMogotsi izindiza nezindawo zokulala, lo somabhizinisi uphikelele ekutheni asebenzise onogada bakhe abazimele wathi iPhalamende limxhase izinsuku eziyisikhombisa.

“Ngimthintile izolo ukuze ngihlele uhambo kodwa wangitshela ukuthi ngeke anginike inombolo kamazisi wakhe ngaphandle kokuthi izidingo zakhe zokuphepha zifezeke,” kusho uRamaano.

Ukwenqaba lokhu kudale ukungezwani phakathi kwamalungu ekomidi, abanye bephakamisa ukuthi kuthathwe izinyathelo ezinqala. Usihlalo wekomidi u-Soviet Lekganyane uzwakalise ukungenami kwakhe ngokwenqaba kukaMogotsi ukulandela izinqubo zekomidi, ebiza izimfuno zakhe 'ngeziyinhlekisa futhi nezingamukeleki."

"Ufuna abakhe onogada kodwa futhi ucela iPhalamende ukuthi limkhokhele izinsuku eziyisikhombisa. Asikwazi ukwamukela lezi zidingo. IPhalamende alikwazi ukumnika uhlobo lokuvikelwa alucelayo," esho.

Ilungu leMK Party ephalamende uSibonelo Nomvalo, kalizange lisinise amahleza uma lithi ikomidi akufanele limoshe isikhathi lidingida lolu daba.

"Lena akuyona into edinga umhlangano. Ithimba labameli kumele limbize ngokushesha. Ngeke sivumele uMogotsi abukele phansi igunya laleli komidi," esho.