Izindaba

Ungoti ukhala ngokugcwala kakhulu kwamakilasi emazingeni aphansi

Mhlengi Shangase|Published

Abafundi bakaGrade R

Image: Ntombizodwa Dlamini

UNGOTI wezemfundo kuleli, uSolwazi Mary Metcalfe, uphakamise ukuthi kuqiniswe kakhulu emazingeni aphansi emfundo ngokuthi kwehliswe ukugcwala kwamakilasi okwenza othisha bathwale kanzima.

USolwazi Metcalfe uthe akusizi ukugxila emazingeni aphezulu ekubeni kuntenga emazingeni aphansi ngoba nocwaningo luyaveza ukuthi abafundi abakuqondi abakufundayo.

"Agcwele kakhulu amakilasi emazingeni aphansi uma uqhathanisa namazinga aphezulu. Kumele kushintshe lokhu uma sifuna ukuphucula izinga lemfundo sehlise ukugcwala kakhulu kwamakilasi ukuze uthisha akwazi ukufundisa isibalo esifanele," usho kanje ngesikhathi ephakamisa izinto abona ukuthi kumele zenziwe kulo mkhakha.

Ukusho lokhu emva kwengqungquthela ebingeledlule eGauteng, lapho bekubhekwa imfundo eyisisekelo. Ingqungquthela yayithanyelwe nanguMengameli Cyril Ramaphosa, owakhala ngokuthi kumele kuqiniswe emazingeni aphansi ukuze abafundi baqonde abakufundayo.

USolwazi Metcalfe uthe uyahambisana nokuthi kubuyekezwe uhlelo lokwabiwa kothisha ezikoleni zakuleli kusetshenziswa isibalo sabafundi.

UMnyango weMfundo eyisiSekelo usebenzisa uhlelo lwePost-Provisioning Norms (PPN), ukwaba othisha ngokwesibalo sabafundi. Uma kwehla isibalo sabafundi, othisha bayasuswa bayiswe ezikoleni okwanda kuzona abafundi kusetshenziswa lolu hlelo.

"Siyazi ukuthi ikomiti elajutshwa nguNgqongqoshe womnyango, (Nksz Siviwe Gwarube), limatasa nomsebenzi wokubuyekeza indaba yePPN. Siyahambisana nokubuyekezwa kwalolu hlelo ngoba kumele sandise isibalo emazingeni aphansi ukuze sinqande izinkinga ezikhona kwezemfundo zisuka amadaka," usho kanje.

Okunye leli thimba elikwenzayo wukubuyekeza indaba yokukleliswa kwezikole ngokwama-Quintile.

Izikole kuleli zikleliswe ngokwama-Quintile amahlanu. U-Quintile 1 kuya ku-3 yizikole okungakhokhwa kuzona imali yokufunda, ezithengelwa wuhulumeni izincwadi ne-stationery kanti zihlomula nasohlelweni lokudla nsuku zonke. Iningi lalezi zikole lisemakhaya nasemalokishini.

U-Quintile 4 no-5 yizikole ezisemadolobheni iningi lazo okukhokhwa imali yesikole kanti ezinye azihlomuli ngezinsiza ezifana nokudla. Umnyango uxhasa lezi zikole ngemali encane uma kuqhathaniswa nokungakhokhwa nhlobo kuzona.

Sikhulu isikhalo ngokukleliswa kwezikole ngale ndlela njengoba nezinyunyana zothisha zihlale zikhala ngokuthi izikole ziba ngomakhelwane, kodwa uthole ukuthi aziklelisiwe ngokufana ngokwama-Quintile. 

UNksz Gwarube wathi ujube ikomiti afuna limluleke ngezinto ezehlukene kwezemfundo okuhlale kukhalwa ngazo.