Izindaba

Iqinisa isikimu i-ActionSA kubhekwe okhethweni

Mhlengi Shangase|Published

Herman Mashaba, umholi we-ActionSA

Image: Phando Jikelo / Inependent Media

LIQINISA isikimu iqembu i-ActionSA njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya, ngokwakha ubumbano namaqembu amabili okuyi i-Azanian Independent Community Movement (AICM) neCreatives Congress Movement (CCM).

Umholi w-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, eFerndale, eGauteng, izolo umemezele ukusebenzisana nalawa maqembu ukuqinisa uhlangothi lwamaqembu aphikisayo kuleli.

UMashaba uthe bahlose ukungenisa kakhulu eNorth West, baphinde basukumele nezinselelo ezibhekene namaciko kuleli.

"Sifuna ukunika amaciko izwi lokuthi akhulume ngezinto afuna zenzeke. Sifuna ukuqinisa ubudlelwano nemiphakathi ehlukene kuleli. Lokhu kusebenzisana nalawa maqembu kuzoqinisa umkhankaso wethu i-Green Umbrella, wokuhlanganisa amaqembu anombono ofanayo, kusho uMashaba.

Uthe ngaphansi kwalo mkhankaso, sikhulile isibalo sabamele leli qembu sisuka ku-91 saya ku-141.

"Kuseyisiqalo lesi ngoba inhloso wukulungisa iSouth Afrika. Asifuni izwe liphathwe iqembu elilodwa yingakho simema wonke amaqembu anombono ofanayo ukuthi abe yingxenye elakuleli." 

Uthe leli qembu ligila izimanga uma lithweswe umthwalo wokuhola.

"Uyabonakala umsebenzi owenziwe yimeya emele i-ActionSA eTshwane, uDkt Nasiphi Moya. Ushintshe izinto kuleli dolobha esebenzisana namanye amaqembu," usho kanje.

Uthe abajahile amandla kodwa bafuna ukuthi kube nokubambisana ukuze abantu bezobuyelwa yithemba.

Ubonge abaholi balawa maqembu abasayine lesi sivumelwano sokusebenzisana ne-ActionSA ukulungisa izwe.

"Laba baholi batshengisile ukuthi bazimisele ekutheni sihole omasipala njengoba kubhekwe okhethweni. Sizobambisana ukuze sidle umhlanganiso kulolu khetho."

Umholi we-CCM uMnuz Tshepo Mashiane, ukhale ngokuxhashazwa kwamaciko kuleli wathi bayajabula ngokusebenzisana ne-ActionSA.

Uthe bafuna ukwenza izinguquko emkhakheni wamaciko kuleli yingakho beyingxenye ye-Green Umbrella.

Akuyona i-ActionSA eqinisa izinto njengoba kubhekwe okhethweni njengoba namanye amaqembu okuyi-Build One South Africa (BOSA), ihlangene neGOOD neRise Mzansi, ukusebenzisana ngaphansi kwe-Unite for Change, njengoba kubhekwe okhethweni.