UMnuz Graham Sabela
Image: Sithunyelwe
ISIMEMEZELE uhlelo lwayo lokungenelela kwezeMfundo ngenhloso yokulekelela abafundi abantulayo iG Force Employment Solutions.
Le nkampani isanda kubalwa nezinye ikhondlakhondla zezinkampani ezenza kahle eNingizimu Afrika ngokudlondlobala kanye nokudala amathuba omsebenzi.
UMphathi omkhulu wale nkampani uMnuz Graham Sabela uthe babone kumqoka kakhulu ukuthi kube khona abakwenzayo uma kukhulunywa ngodaba lwabafundi abadinga usizo.
Uveze ukuthi bathathe isinqumo sokuthi balekelele ngemali yokubhalisela ukufunda ezikhungweni zeMfundo ePhakeme kubafundi abangu-500 baKwaZulu Natal.
Uthe akusibona bonke abafundi abazohlomula kodwa babheka labo abenze kahle ezifundweni zabo futhi kube yilabo okunobufakazi obuphathekayo bokuthi bavela emakhaya antulayo.
Ugcizelele kakhulu ukuthi inhlosongqangi yalolu hlelo ukuqinisekisa ukuthi laba bafundi abazitholi sebebhekene nengwadla yokushoda ngemali baze badikibale.
"Lolu hlelo sifuna ukuthi lube yisibani esihle kubantwana bethu baKwaZulu Natal. Sifuna ukuqinisekisa ukuthi bayaluthola nakanjani usizo abaludingayo lwemali yokubhalisela ukufunda," echaza.
Uveze ukuthi kungokokuqala ngqa beba nalolu hlelo kulo nyaka wathi kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi luzoba yisibani esihle kubantwana.
Udalule ukuthi ukuphasa kahle nokuphuma phambili kweKwaZulu Natal kwimiphumela kamatric yangonyaka owedlule yikhona kanye okudale ukuthi babe nogqozi nentshisekelo yokulekelela ngale ndlela.
" Sibonile ukuthi kukhona okuhle okumele abantwana bethu baKwaZulu Natal sibenzele khona ngemuva kokusebenza kahle kwabo ngale ndlela. Kuyajabulisa kakhulu ukuthi isifundazwe sethu senze kahle kangaka kumatric," echaza.
Uthe udinga ukuchonywa uphaphe lwegwalagwala uMphathiswa wezeMfundo KwaZulu Natal uMnuz Sipho Hlomuka ngalo msebenzi omuhle kangaka.
Uveze ukuthi kulolu hlelo kukhona abazothola imali yokubhalisa nje kuphela ebese kuba khona nabazohlomula ngomfundaze ophelele.
Uphosele inselelo nezinye izinkampani ukuba zibhukule ziqinisekise ukuthi kukhona indima eziyiklamayo uma kukhulunywa ngezeMfundo KwaZulu Natal.
Ngokusho kukaSabela lolu hlelo seluzoba khona minyaka yonke ukuze kusizakale abafundi abaningi kulona.
Le nkampani kuyimanje isemkhankasweni wokulekelela ngamathuba omsebenzi ezindaweni zamakhosi ngokubambisana nenkosi uMelusi Zondi.