Izindaba

Bamangele abaphakela izikole eKZN kuchithwa izinkontileka besalinde izimpendulo

Mhlengi Shangase|Published

Ukudla kwabafundi

Image: Sigciniwe

IMANGELE inhlangano ephakela izikole KwaZulu-Natal, iNational School Nutrition Programme Service Providers, ngesinqumo soMnyango wezeMfundo esifundazweni, sokukhipha isekhula eyazisa ngokunqanyulwa kwezinkontileka zabaphakayo, ekubeni lungaqaliwe uhlelo oluthinta izikhalazo ngabazoqokwa ukwenza lo msebenzi.

Le nhlangano ikhala ngokuphanga umdaka izulu linganile eMnyangweni, ngoba ibisalinde lolu hlelo lwezikhalazo kodwa kwakhishwa le sekhula ethi ekupheleni kukaMashi nonyaka, ziyanqanyulwa izinkontileka zabenza lo msebenzi.

Usihlalo wenhlangano, uMnuz Lindani Matiwane, uthe ngokwazi kwabo zingaphezu kuka-700 izikhalo ezifakwe nyakenye, ngezinto ezingahambanga kahle ngokuqokwa kwabazophaka uma sekuphele inkontileka.

"Kuningi ukuphulwa kwemigomo okwenziwa wuMnyango ngoba besisabhalele uMnyango kaMgcinimafa, sibuza ngokuqala kohlelo lwezikhalazo njengoba kunolwazi owezeMfundo okwakumele uze nalo, owawuthe luyashoda," usho kanje.

Uthe bayazibuza ukuthi yini inhloso yale sekhula ekubeni kusanohlelo lwezikhalazo olungaqalile?

"Siyazibuza ukuthi yini ephusha iNhloko yoMnyango (Mnuz Nathi Ngcobo), ukuphula imigomo kaMgcinimafa noNdunankulu wesifundazwe (Mnuz Thami Ntuli), wokuthi kumele kube nophenyo olunzulu ngalolu hlelo? Sifuna kuphenywe nezikhulu zoMnyango ezihlomula kulolu hlelo ziphinde zithathelwe izinyathelo ezinqala," usho kanje.

Wehlise amaphaphu abafundi nothisha, wathi bazoqhubeka nomsebenzi wabo wokuphakela izikole.

Uthe kwabakwenzayo babeka phambili abafundi abangafuni ukuthi babhuqwe yindlala.

Isekhula esayinwe nguNgcobo, iyalela ukuthi ekupheleni kukaMashi, iyanqamuka inkontileka ekhona nabaphakayo.

Ithe abazoqhubeka ngaphandle kwenkontileka, ngeke bakhokhelwe.

UMatiwane uthe kakade inkontileka yabo iyaphela ekupheleni kukaMashi ngoba kwakungeyeminyaka emithathu.

"Kunesigatshana esiveza ukuthi ingalulwa le nkontileka, okuyinto esayithumelela uMnyango ngabameli ukuthi sizimisele ukuthi ilulwe. Sisamile ekutheni ilulwe ngoba kunokubambezeleka ohlelweni olubekiwe lwezikhalazo, olungakaqali."

Kushaye esokushicilela ingaphenduliwe imibuzo ethunyelelwe okhulumela uMnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, emayelana nesekhula. 

Kwenzeka lokhu nje, uMgcinimafa wayalela uMnyango ukuthi ungakhiphi amathenda amasha ngenxa yezinkinga zemali njengoba lo Mnyango uhluleka ukukhokhela osonkontileka ngesikhathi.