Izindaba

Oneminyaka engu-19 ecaleni lokubulala abangu-9

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMMANGALELWA ecaleni lokubulawa kwabayisishiyagalolunye eshibhini eMarikana, ePhillippi East, eKapa

Image: SAPS

UMSOLWA oneminyaka engu-19, obhekene namacala ayisishiyagalolunye okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yase-Athlone, ngoMsombuluko.

Umsolwa uboshelwe icala elenzeke ngezintatha zangoMgqibelo, 17 Januwari nonyaka, eshibhini emijondolo yaseMarikana, ePhilippi East, lapho oshayasibhamu bavulela ngenhlamvu bebhekise kubathengi abebengaphakathi emjondolo. Kushone amadoda ayisishiyagalombili nowesifazane oyedwa, kwathi omunye walimala kanzima.

Okhulumela amaphoyisa e-SAPS eWestern Cape, uBrigadier Novela Potelwa, ukuqinisekisile ukuboshwa kwalo msolwa, kulandela uphenyo olunzulu olwenziwe ophikweni lwamaphoyisa ayisipesheli. Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu, eZweletemba, eWorcester.

"Njengengxenye yophenyo oluqhubekayo, abaseshi besifundazwe bavulele umsolwa oyedwa icala," kusho uPotelwa.

Imibiko yamaphoyisa iveza ukuthi abasolwa abathathu bangene eshibhini ngemuva nje kuka-12 phakathi kwamabili, bavulela ngenhlamvu bengaphakathi. Abantu abayisithupha bashonele endaweni yesigameko, isisulu esisodwa sashona ngesikhathi siphuthunyiswa esibhedlela. Kuthe ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, kwashona umuntu wesishiyagalolunye owalimala kanzima. Omunye wabashonile ngowesifazane okukholakala ukuthi ubengumnikazi weshibhi.

Icala lihlehliselwe umhlaka-2 Febhuwari 2026, ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.