Kusale abathathu enkundleni bebhekene namaphoyisa
Image: Arrive Alive
BATHATHU abasolwa ngamacala abucayi, okuthiwa bathelwe othulini amaphoyisa ngale mpelasonto.
Lokhu kuqinisekiswe okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, izolo.
Esigamekweni esenzeke eNanda, ngoMgqibelo, uNetshiunda uthe amaphoyisa abefuna abasolwa ebebefunelwa icala lokubulala okuthiwa balenza eNanda, ngo-Okthoba 2024.
Uthe abasolwa abafanayo bebebuye bafunelwe namanye amacala abucayi.
“Badutshulwe babulawa ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa ngoMgqibelo,” kusho uNetshiunda.
Uthe amaphoyisa abelandela umkhondo owaholele komunye wemizi eMzinyathi. Uthe ngesikhathi efika amaphoyisa, ahlangatshezwe yinganono, abasolwa bewadubula, nawo abuyisela ngayo.
Uveze ukuthi kubasolwa abafile bekukhona oneminyaka engu-22 nonengu-24. Uthe kukhona abanye ababili abasezithendeni zabo njengoba bekwazile ukuphunyula ngembobo yenalithi.
“Bobabili bebehlomile, omunye ephethe iphistoli, ngesikhathi omunye ephethe esikhulu (rifle),” usho kanje.
Uthe esigamekweni esenzeke izolo, umsolwa obefunelwa amacala amathathu okubulala, okuthiwa wawenza eHighflats ngo-Okthoba 2024, waphinde wenza amanye ngo-Okthoba nangoNovemba nyakenye, udutshulwe wabulawa amaphoyisa eBellair, eThekwini.
Uthe umsolwa ubonwe amaphoyisa eshayela imoto kuthelawayeka u-N2.
“Azame ukummisa, wangama, wavele wadubula ebhekise emaphoyiseni. Nawo abuyisela, waphelela endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Related Topics: