BEKUMINYENE utshumo izitshudeni zilinde ukubhalisa eDurban University of Technology eThekwini, izolo
Image: SITHUNYELWE
BABALISA ngokugwaziswa abafundi abebeshaye ujenge izolo, ngaphandle kwesikhungo semfundo ephakeme, iDurban University of Technology (DUT) esekhampasini yaseThekwini.
Abafundi ebebeshaye ujenge bezofuna izikhala, batshele Isolezwe ukuthi kuyabanenga ukuthi bagwaziswe ukuze bathole izikhala zokufunda.
Bathe kunemali okuthiwa iyadingeka ukuze bathole izikhala. Bathe le mali kuthiwa mabangene ngaphakathi sebeyiphethe.
Omunye walaba bafundi uthe le nto iyabacasula.
“Kuyasicasula kakhulu lokhu okwenzekayo kulesi sikhungo ngoba bakhombisa ngokusobala ukuthi kabanendaba nekusasa lethu kodwa bona bacabanga inzuzo,” usho kanjena.
Omunye umfundi uthe lokhu kudala ukuthi kuphele nje kubona ukusethemba lesi sikhungo.
“Ungasithemba kanjani isikhungo esifuna ukuba abafundi bakhokhe imali ukuze bathole izikhala?” kubuza lo mfundi.
Isolezwe lithe lisakhuluma noSihlalo we-EFF Youth Command khona eDUT, uWise Ndlovu, kwaqhamuka omunye ezobikela yena usihlalo ukuthi makaphuthume sekukhona omunye futhi umfundi osegiliwe, kwathathwa imali kuyena.
UNdlovu utshele Isolezwe ukuthi baphila le mpilo yokulwa belwela ukuthi kuphele nje nya ngale nto yokuthi abafundi bagwaziswe ngoba kabahambisani nhlobo nayo.
''Le nto siyayilwa ngayo yonke indlela, asifuni nokuyizwa nje kodwa kukhona abaqhubekayo nokuthi bayenze,'' echaza.
Ubuye wakhala nangokuthi abafundi nabo babuye bengathembeki ngoba abanye babo babuye sebezokhala uma sebebona ukuthi kuyabhimba kodwa uma kugcina ngokuthi kuhambe kahle bathathwe, kababuyi bezosho ukuthi bakhokhisiwe ukuze bathole izikhala.
Isolezwe libuye lathola ngengwadla yohlelo olusha lokubhalisa olusetshenziswayo kulesi sikhungo.
UNdlovu uthe bathole ukuthi lesi sikhungo sesisebenzisa uhlelo olusha lokubhalisa olubizwa ngokuthi yi-Peoples Software belaxaza oludala abafundi abakholwa ukuthi belula obelubizwa ngokuthi yi-ITS.
Ukhale ngokuthi lolu hlelo lunobuhixihixi ngoba luhamba ngonyawo lonwabu futhi luyehluleka ukulekelela abafundi ngendlela efanele.
Uthe kuyaqala nje ngqa, akuyona yonke le minyaka eyedlule ukuthi uhlelo lokubhalisa kwabafundi kulesi sikhungo lubonakale luhamba ngonyawo lonwabu ngalolu hlobo, wathi sebebambe inqwaba yemihlangano mayelana nale nkinga yalolu hlobo olusha lokubhaliswa olusetshenziswa yisikhungo kodwa akukho okubonakala kulunga.
Lapha uthe ukhuluma ngabafundi abathathiwe kodwa okulukhuni satshe ukuba babhalisele izifundo zabo ngenxa yalolu hlelo athe seluphenduke isithiyo emfundweni yabantwana.
"Asisazi manje ukuthi le nto izokwenziwa njani uma injena. Phela inkulu le nkinga esibhekene nayo lapha eDUT. Okufike kube yinkinga kakhulu ukuthi abafundi uma bethi bayabhalisa kubhaliseka izifundo ezimbalwa ezinye zingabhaliseki. Inkinga enkulu ngalokhu ukuthi kuzoholela ekutheni abafundi ezinye zezifundo kugcine kuthiwe mabazikhokhele ngeyabo imali,” usho kanjena.
Uthe badangele ngenxa yalolu hlelo aluchaze njengengqinamba enkulu.
"Ukukhuluma iqiniso nje, ayikho nje le nto yalolu hlelo imbudane yoqobo. Uke uzwe uma kukhulunya ngento engekho, kusuke impela kushiwo lena esibhekene nayo kulesi sikhungo,” usho kanjena.
Uthe selokhu luqalile uhlelo lokubhaliswa kulesi sikhungo, bangu-500 kuphela abafundi abasabhalisiwe.
''Uyabona-ke ukuthi lolu hlelo lubehlula kangakanani uma kusakhulunywa indaba yokuthi kuze kube yimanje bancane kangaka abafundi abasabhalisiwe,'' kusho yena.
Nabafundi ebebezobhalisa kulesi sikhungo bakhale ngokushonelwa yilanga bemi ndawonye.
Abamele izitshudeni baveze ukuthi okubaxakayo ukuthi abakaze batshelwe ukuthi kungani kanti lesi sikhungo sikhethe ukumane siguqule lolu hlelo isigubhukane ngaphandle kokuxhumana nabo.
Bakhale nangokuthi kubangelwa yini ukuba lolu helo lufakwe ngesikhathi esibucayi kangaka lapho khona abafundi befuna ukubhalisa. Lokhu bakuchaze njengobudedengu ohlangothini lwesikhungo.
UZama Nhleko oyisitshudeni uveze ukuthi kunezinye izifundo angakawazanga ukuzibhalisela ngenxa yokuthi uhlelo olusha belumchitha.
Uthe akasazi manje ukuthi enze njani ngoba nayizolo ufikile kwaba yinkinga efanayo.
''Okusixakayo ukuthi labo okumele basisize khona ngaphakathi bavele bathi asihambe siyoziqhubekela emakhaya, uma sifika khona nakanjani kuzolunga. Kwala noma sibatshela ukuthi ayikho into elungayo. Iqiniso ukuthi lolu hlelo kwabona abaqeqeshelwe, luyabehlula lokhu okwangempela futhi,” echaza.
Omunye umfundi uNksz Noluthando Magubane uthe naye ubhekane nenkinga efanayo kwaba khona izifundo ezibhalisekayo, kwezinye kwabhajwa ithendele.
Uthe akayazi into enjengalena. Ukhale ngokuthi akasiboni lesi sikhungo sithola isisombululo sale nkinga esibhekene naso ngaphandle kokuba kubuyelwe ohlelweni oludala lona obelungahluphi.
UNobhala we-EFF Student Command, uScofield Thabede, ukhale ngenkinga yohlelo olusha lokubhalisa nenkinga enkulu yokugwaziswa kwabafundi.
Abafundi bale baphetha ukudalula imali abagwaziswa yona, bathi bayasaba.
DUT comment.....