Izindaba

Ibutho laseMbumbulu nohlelo lokuba wusizo emphakathini

Zimbili Vilakazi|Published

AMANYE amalungu oMhlabuhlangene enza umsebenzi wokukhuculula

Image: SITRHUNYELWE

LIQHAMUKE nokusha kulo nyaka ibutho laseMbumbulu, elidume ngeloMhlabuhlangene, liqala umkhankaso wokukhuculula izikhungo zomphakathi. 

UMnuz Ntokozo Ndlovu ongomunye walo, utshele Isolezwe ukuthi bakhethe ukuthi kusukela kulo nyaka, bashaye ngonyawo olusha ngokuthi kube khona okuhle abakwenzela umphakathi wendawo.

“Abaningi basazi ngokuthi sishaya ingoma, sibe yingxenye yemicimbi eyehlukene, siqhakambisa le nto yobunsizwa kodwa ngonyaka odlule sihlale phansi sabonisana ngokuthi sidinga ukwenza okungaphezu kwalokho ukuletha ushintsho emphakathini,” usho kanje.

Uthe yilapho abaqhamuke khona nombono wokuthi baqale bahambele izikhungo zomphakathi ezifana nezikole, imitholampilo, isiteshi samaphoyisa, inkantolo nezinye.

Uthe bafika bacele ukuvulelwa amasango ngezimpelasonto, bangene bahlanze igceke. Njengoba beqalile ngempelasonto edlule, bakhuculule esikoleni iTobi Primary, base bedlulela nasesiteshini samaphoyisa saseMbumbulu.

Uthe basithole sisibi isimo esiteshini, ibhodi elikhombisa ukuthi kunesiteshi samaphoyisa lisithwe yizihlahla ezinkulu. 

“Kulabo abahamba ngezinyawo ukuyofuna usizo esiteshini samaphoyisa, bese beba madolo nzima ngenxa yesikhotha esivimbanisile,” usho kanje.

Uthe kuningi okusemgodleni wabo njengoba kungesikhona ukukhuculula lezi zikhungo kuphela abahlele ukukwenza.

Uthe phakathi kokunye, kukhona "Isibaya Samabhungu” lapho abazohlanganisa khona zonke izingane zabafana, bazidodise.

“Lokhu sizokwenza ngoba siyabona ukuthi izinga labangasebenzi likhulu futhi nelobugebengu linyuka mihla namalanga. Sikholelwa ekutheni kungalekelela ukuthi sixoxe nazo izingane zabafana zisakhula, sizifundise indlela efanele,” kusho uNdlovu.

Uthe lokhu bazobe bekwenza nangokubuka ukuthi indawo yabo isinobugebengu obubi futhi babona nesibalo semilutha yewunga sanda, nokuyinto ebakhathazayo ngoba kade ingekho endaweni, wathi abazogcina lapho njengoba bezophinde baqoke amalungu abo asebenza emikhakheni eyehlukene ukuthi alekelele ngokunikezela ulwazi ngemikhakha yawo entsheni.

Uthe lokhu kuzolekelela ekutheni labo abafuna ukuthi uma beqeda isikole balandele leyo mikhakha, bayilandele benolwazi olugcwele ngayo.

“Sizogqugquzela nokufunda ngemitapoyolwazi ukuze intsha ikhule yazi ukuthi kubalulekile ukuzithuthukisa ngolwazi,” usho kanje.

Uthe ngale mpelasonto, bazoyoqedela ukukhuculula isiteshi samaphoyisa njengoba bengaqedanga ngeledlule.