Izindaba

Kwamukelwe ukuqokwa kwephini loMvikeli woMphakathi

Mhlengi Shangase|Published

IPHINI loMvikeli woMphakathi u-Advocate Dinkie Portia Dube, oqokwe nguMengameli Cyril Ramaphosa

Image: Parliament of RSA

SAMUKELWE yikomiti lasePhalamende isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuqoka iPhini loMvikeli woMphakathi, u-Advocate Dinkie Portia Dube.

USihlalo wekomiti lezobuLungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uMnuz Xola Nqola, uhalalisele u-Advocate Dube, ngokuqokwa kulesi sikhundla.

Uthe uzohlala kulesi sikhundla iminyaka eyisikhombisa.

"Uzoqala kulesi sikhundla ngoFebhuwari 1, 2026, kanti uqokwe kulandela umthetho iPublic Protector Act," usho kanje.

Uthe u-Advocate Dube unesipiliyoni seminyaka eyevile ku-20, kwezithinta uhulumeni,  uphenyo nezikhalo.

Ungene kulesi sikhundla emuva kokuvuleka kwesikhala kulandela ukuqokwa kowayesiphethe, osenguMvikeli woMphakathi, u-Advocate Kholeka Gcaleka.

"U-Advocate Dube wesekwa amalungu ekomiti avela emaqenjini ahlukene. La malungu achazeka ngesikhathi ephonswa imibuzo ngonyaka odlule. Wabashaya bonke ayenabo ohlelweni lwemibuzo futhi watshengisa ukuzethemba nokuba namava ngendlela ayephendula ngayo," usho kanje.

Uthe ikomiti laphakamisa igama lakhe kuRamaphosa, ukuthi amqoke.

Uveze ukuthi bazoqhubeka nokuqapha ukusebenza kwehhovisi loMvikeli woMphakathi.

URamaphosa uthe uqoke u-Advocate Dube ngenxa yamava akhe.

"Ungumqondisi jikelele wePublic Service Commission. Ngaphambi kokuba kulesi sikhundla, ubengumqondisi ehhovisi i-military ombud. Phakathi kuka-2011 no-2014, u-Advocate Dube wayengumqondisi ehhovisi lomvikeli womphakathi eGauteng," kusho uRamaphosa.

Uthe unamava ekuxazululeni izikhalo njengoba asebenza ehhovisi lezohwebo nezimboni ophikweni oluvikela abathengi waphinde wasebenza njengommeli kwiSouth African Human Rights Commission.

Nyakenye i-ACDP yaseka ukuphakanyiswa kwegama lika-Advocate Dube, njengephini lomvikeli womphakathi.