UMENGMELI Cyril Ramaphosa ekhuluma engqungqutheleni yemfundo eyisisekelo eGauteng izolo
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
UKHATHAZEKILE uMengameli Cyril Ramaphosa, ngabafundi abalaxaza isikole bengafinyelelanga ku-matric.
URamaphosa ukhale ngokuthi minyaka yonke abafundi abevile ku-1 million, baqala uGrade 1 kodwa ku-matric kufinyelela kuphela uhhafu walesi sibalo.
Uthe kumele kwaziwe ukuthi laba bafundi bashonaphi.
"Iyangikhathaza eyokuthi uhhafu wabafundi abasuke beqale isikole, abafiki ku-matric. Kumele kutholakale izizathu ezenza ukuthi balaxaze isikole kuGrade 10 no-11. Kumele sibagqugquzele abafundi ukuthi baphothule isikole," kusho uRamaphosa izolo, ekhuluma engqungqutheleni yemfundo eyisisekelo, eGauteng.
Uthe kumele abazali nothisha baluse abafundi ukuze bathole izinselelo ababhekene nazo.
"Othisha kumele baye emakhaya abafundi, bayobabheka uma kuphela izinsuku bengabanoni ezikoleni. Umzali naye kumele achaze uma umfundi eselove isikhathi eside, ukuze bazi othisha ukuthi umfundi ukuphi," kuqhuba uRamaphosa.
Uthe kumele zaziwe izizathu zokushiya phakathi isikole kwabafundi.
"Ziningi izinto ezibhekene nabafundi. Abanye bayasaba ukuya esikoleni ngoba behlukunyezwa abanye abafundi. Abanye banenkinga yesimo somqondo badinga ukwelulekwa kanti abanye basuke benenkinga yokuthi ekhaya isimo semali asisihle, bese bengakwazi ukuya esikoleni. Yizona zonke izinto okumele zaziwe ngomfundi osuke elaxaze isikole," kusho uRamaphosa.
Ihlale iyindaba egudwini eyabafundi abaqala uGrade 1, kodwa bagcine bengafinyelelanga ku-matric.
Uveze nokuthi eyobaba abangeyona ingxenye yokukhula kwezingane zabo, ingaba nomthelela kubafundi.
"Kokunye abafundi bahlulwa yisikole bese beshiya phakathi izifundo. Nokuphinda kaningi ikilasi kuyawuqeda umdlandla kubafundi bese beyeka isikole."
Wenze isibonelo ngenkukhu athe uma inamachwane ayiwalahli, iwa ivuka nawo.
"Inkukhu ivikela amachwane ayo ngale ndlela yokuthi ngisho ihamba iyawafukamela. Uma usondela ngakuwona ifuna ukukungqofa. Abafundi kumele sibathathise okwamachwane, sibafukamele zikhathi zonke."
Uhlabe ikhwelo lokuthi kuqiniswe kakhulu emazingeni aphansi ezemfundo, kungagxilwa ku-matric.
"Kuyasijabulisa ukuthi kuqopheke umlando ezweni okokuqala ngqa, ngokuthi imiphumela ka-matric ibe ngu-88%. Baningi abafundi abaphase ngamaBachelor, abaqhamuka ezikoleni okungakhokhwa kuzona. Noma lezi zibalo zizinhle kodwa kumele sigxile esisekelweni semfundo ukuze abafundi bakuqonde abakufundayo," usho kanje.
Uthe zisuka amadaka abafundi kumele bafundiswe ukubala nokubhala.
Related Topics: