Izindaba

Ikhwelo lokuthi iMaths neSayensi ifuqwe zisuka amadaka ezikoleni

Mhlengi Shangase|Published

Blade Nzimande

Image: Siyasanga Mbambani / GCIS

UHLABE ikhwelo lokuthi zithi zisuka amadaka emabangeni aphansi abafundi bafuqwe izifundo iMaths neSayensi ukuze kuphele uvalo ngalezi zifundo.

Lesi siphakamiso senziwe nguNgqongqoshe wezeSayensi, uSolwazi Blade Nzimande, ekhuluma engqungqutheleni ebheka ezemfundo eyisiSekelo eGoli.

UNzimande uthe lusekhona uvalo kubafundi abamnyama abasaba ukuthi lezi zifundo zinzima.

"Ukuze singayibambi ekugcineni kwa-matric, sikhale ngokuthi bancane abenza iMaths kunabenza iMaths Literacy, kumele iMaths neSayensi iqiniswe kubafundi zisuka nje kwaGrade 1 kuya ku-3," usho kanje.

Uthe ngale ndlela abafundi bazozijwayela lezi zifundo ukuthi ziyingxenye yemfundo yabo.

"Kwangikhathaza ngesikhathi kukhishwa imiphumela ka-matric, kuvela ukuthi u-34% kuphela wabafundi ababhale iMaths. Iningi lenze iMaths Literacy kanti kulaba abenza iMaths, ngiyazibuza ukuthi bangaki abaphasa ngo-60%, odingeka emanyuvesi uma ufuna ukwenza iziqu zobudokotela noma ezobunjiniyela," kusho uNzimande.

Evula le ngqungquthela esongwa kusasa, uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, uthe umphathisa ngekhanda umkhakha wamabanga aphansi ngoba abanye abafundi abakuqondi abakufundayo.

Uthe lokhu kungaqondi abakufundayo kuyinhlekelele edinga ukusukunyelwa ngokushesha.

"Yingakho kumele siqinise kakhulu zisuka amadaka ukuze sithi sifika emazingeni aphezulu, isimo sibe sesingcono. Silinde ngabomvu iziphakamiso ezizophuma kule ngqungquthela ukuze sikwazi ukusheshe singenelele, silungise," usho kanje.

Uzwakalise ukukhathazeka ngesikhathi ememezela eka-matric ngeledlule, lapho ekhale ngesibalo esincane sabafundi abenza iMaths, wathi kudingeka sinyuswe lesi sibalo ikakhulu ngoba lezi zifundo zibalulekile.

Uveze nokuthi ezinye zeziphakamiso ezaphuma kulo mhlangano sebeqalile ukuzenza.

"Ezinye zazo zithinta izikhalazo zokuthi kumele kwehliswe umsebenzi wasemahhovisi owenziwa ngothisha kuleli, ukuze bagxile ekufundiseni. Lokhu ngezinye zezinto esiqalile ukuzisebenza ukuze othisha bafundise kuphela," kusho uNksz Gwarube.

Othisha bebehlale bekhala ngokuthi babhekana nomsebenzi omningi wokwenza ama-rejista neminye imisebenzi okudla isikhathi sabo esiningi. Bafuna ukuncishiselwa umsebenzi ukuze bakwazi ukugxila emakilasini.

Uveze nokuthi othisha yibona abawumgogodla wezemfundo ngakho kumele njalo bafundise izinto ezidingwa ngumnotho nesimo samanje.

"Ukuqeqeshwa kothisha kubalulekile ukuze bafundise okuhambisana nesikhathi samanje. Kudlange ubuchwepheshe ngakho ngeke bashiywe ngaphandle ekutheni ukuqeqeshwa kwabo kuhambisane nokudingekayo." 

Uthe bazoqhubeka nohlelo lokuthi kufundiswe ngezilimi abafundi abaziqondayo okubalwa ulimi abaluncela ebeleni kanjalo nolokufundisa kuleli, ezikoleni eziningi okuyisiNgisi.

UNzimande uphakamise nokuthi ibhekisiswe eyokuthi ngabe isabasiza yini eyabafundi abachibiyela u-matric eyokuthi babhale lezi zivivinyo ngonyaka olandelayo.