Izindaba

Ukuphasa ngeBachelor akusho ukuthi uzongena ugijima enyuvesi - Manamela

Mhlengi Shangase|Published

Buti Manamela

Image: Supplied

BABHEKENE nengwadla abafundi abaphase ngama-Bachelor ku-matric njengoba uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, ethi noma bangaphasa ngale ndlela kodwa akusho ukuthi bazongena emanyuvesi.

UManamela, obekhuluma nabezindaba izolo njengoba kuqale ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme, uthe akubona bonke abaphase ngama-Bachelor abazokwamukelwa emanyuvesi.

Zintathu izindlela zokuphasa u-matric kuleli. IBachelor okwazi ukungena ngayo enyuvesi, iDiploma okwazi ukungena ngayo ema-Universities of Technology noma iHigher Certificate. 

"Zncane izikhala ezikhona emanyuvesi akuleli kanti noma ungaphasa ngeBachelor, akusho ukuthi uzongena ugijima kulezi zikhungo. Sizongcweka kulo nyaka noMnyango weMfundo eyisiSekelo ngenxa yokuthi uma uthi umuntu uphase ngeBachelor, ufikelwa umqondo wokuthi uzokwazi ukungena enyuvesi. Kumele sibachazele abafundi nabazali ukuthi ukuphasa kanje akusho ukuthi nakanjani usuthathiwe enyuvesi," usho kanje.

Uthe sifaka ingcindezi emkhakheni wemfundo ephakeme isibalo sabaphase u-matric nyakenye.

Lo mnyango uveze ukuthi zingu-230 206 izikhala ezikhona emanyuvesi ekubeni bengaphezu kuka-650 000 abaphase u-matric.
Ukhale ngesibalo esincane sabafundi abenza izifundo iMaths, iSayensi nobuChwepheshe.

"Siyakhula isibalo sabenza iMaths Literacy kuneMaths, okuvalela ngaphandle abafundi emikhakheni efana nowezobunjiniyela. Kumele bahlele ngendlela izifundo abazozenza ezizokwazi ukubafaka kule mikhakha," kusho uManamela.

Uthe akukhona ukuphela komhlaba kulabo abangathathwa emanyuvesi.

"Kumele siphume emqondweni wokuthi kumele siye emanyuvesi uma siphothula u-matric ngoba zikhona ezinye izinhlelo. Akhona amakolishi amakhono amaTVET namanye amakolishi."

Uveze ukuthi isikhwama esixhasa ngemali yokufunda iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), sizoxhasa izitshudeni eziyisigidi kulo nyaka.

"Zingu-626 935 izitshudeni ezenza unyaka wokuqala ezizoxhaswa kulo nyaka. Zingu-427 144 ebezivele zifunda, ezizoxhaswa. Ama-SETA azoxhasa izitshudeni ezevile ku-15 000 ngemifundaze." 

Uzwakalise ithemba lokuthi kuzoba nokuthula kulo nyaka njengoba beba nemihlangano ehlukene ukuzama ukuxazulula izinkinga ezikhona.
Uxwayise nalabo abathi izikhungo kumele zibekele abendawo izikhala zokufunda.

"Asicabangi ukuthi lokhu kuyasiza. Sixwayisa nomastende abahlukumeza izitshudeni ukuthi abakuyeke lokhu. Izitshudeni kumele zizikhethele zona ukuthi zifuna ukuhla kuphi." 

Uveze ukuthi iNSFAS yisikhwama sikahulumeni ngakho akukho zinhlelo zokuivala lesi sikhwama.