Ukushona kwezingane ezimbili esibhedlela kunyuse isibalo sabafundi abashonile sahlala ku-14
Image: Timothy Bernard/Independent Newspapers
Abanye abafundi ababili abaphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kwengozi eyenzeke eVaal ngoMsombuluko banqotshwe wukufa.
Lokhu kunyuse isibalo sabashonile safinyelela ku-14. Amaphoyisa athi laba bafundi ababili bashonele esibhedlela ezintatha zangoLwesine. Lokhu kusho ukuthi umshayeli wetekisi elalilayishe laba abafundi usebhekene namanye amacala okubulala ngokungenhloso, kanye namacala okushayela budedengu.
Umsolwa oneminyaka engu-22 ubudala uboshwe ngemuva kokuphuma esibhedlela kanti kulindeleke ukuthi avele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark ngoLwesine.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Mavela Masondo uthe uphenyo ngale ngozi luyaqhubeka. “Lo mshayeli oneminyaka engu-22 ubudala usebhekene namacala angu-14 okubulala ngokungenhloso kanye nokushayela budedengu.”