Izindaba

Lihlehlele elomshayeli obhekene nelokufa kwabafundi

Nonkululeko Nhlapo|Published

U-Ayanda Dludla, 22, uvele phambi kweMantshi yaseVanderbijlpark namhlanje

Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers

U-Ayanda Dludla (22) uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark.

UDludla ubhekene namacala angu-14 okubulala ngokungenhloso, 3 okuzama ukubulala, elokushayela ngaphandle kwemvume yokushayela egunyaziwe, elokushayela imoto engenayo ilayisensi kanye nelobudedengu.

Lokhu kumayelana nengozi eyenzeke ngesikhathi itekisi ayehamba ngalo lishayisane neloli ku-Droste Road, eVanderbijlpark ngoMsombuluko 19 Januwari 2026.  

Umbiko wokuqala waveza ukuthi bangu12 abafundi abashone ngalo usuku lwengozi kodwa, isibalo sinyukile ngoLwesine amaphoyisa eveza ukuthi kushone abanye ababili abebesesibhedlela.

Amaphoyisa athi laba bafundi ababili bashonele esibhedlela ezintatha zangoLwesine.

UDludla ushalazele indaba yebheyili icala lakhe  lihlehlele umhla ka-5 Mashi.