MNUZ Kholwani Cele
Image: SITHUNYELWE
KULINDELEKE ukuthi bavele namuhla eNkantolo yeMantshi yasePinetown abasolwa ababili abebengakaboshwa ecaleni lokubulawa kowesilisa waseCoffee Farm, KwaNdengezi.
Kulesi sigameko esenzeka ngo-Okthoba 23 nyakenye, kwabulawa uMnuz Kholwani Cele (34), esolwa ngokuthandana nenkosikazi kamakhelwane wakhe.
Umakhelwane, uMnuz Sibongiseni Johannes Mbhele, ongumsolwa wokuqala, ubevele enkantolo efanayo ngoMsombuluko kulandela ukuzinikela emaphoyiseni ngoLwesihlanu, wagonyuluka ngesigameko.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo izolo, abasolwa ababili abebesele, baboshwe bebhace ezihlotsheni khona KwaNdengezi ngoMsombuluko.
Babevezwe uMbhele ngesikhathi egonyuluka ngokuthi bambulala, base bembelethisa itshe, maqede bamphonsa emfuleni uMngeni ngaseSpringfield. UCele ubelokhu ethathwa njengomuntu odukile njengoba umndeni wakhe wabikela amaphoyisa ngokunyamalala kwakhe engabuyi emsebenzini ngosuku lwesigameko.
Umzala wakhe, uMnuz Sbonelo Cele, uthe bajabule bengumndeni ngesivinini samaphoyisa aseMariannhill asebenza ngaso ukubopha abasolwa ngecala.
“Besihleli ebumnyameni isikhathi eside kodwa manje sijabule ngendlela okuqhubeka ngayo umsebenzi wamaphoyisa,” kusho uCele.
Uveze ukuthi asitholakalanga isidumbu ngeSonto njengoba amaphoyisa ayebabizele endaweni yesigameko lapho uMbhele ayeyowakhombisa ukuthi basijikijelaphi.
“Kodwa kukhona okuthembisayo njengoba umndeni usuqale uhlelo lokuhamba namaphoyisa ukuya emakhazeni kahulumeni asePhoenix ukuyohlonza izidumbu zabayiswa khona bengaziwa ukuthi bangobani,” kusho uCele.
Uthe likhona ithemba njengoba amaphoyisa ebatshele ukuthi ngokophenyo lwawo kuyavela ukuthi sikhona isidumbu esatholwa ngasemfuleni ofanayo, okuthe uma sichazwa, kwakhona okukhomba ukuthi esikaCele.
Uthe cishe namuhla bazobe sebenakho okuphathekayo ngokuthi umufi utholakele ngempela nokuzobanika umhlahlandlela wokuthi baqale amalungiselelo omngcwabo.
Uthe okwamanje abasakwenzile bewumndeni ukuzotha, kodwa njengoba bengakasiqinisekisi isidumbu sikamufi bebengakaluqali uhlelo lokubasa ikhandlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa ababili baboshwe amaphoyisa aseMariannhill ngoMsombuluko.
“Bazovela enkantolo maduze,” kusho uNetshiunda.