Izindaba

'Akulungile ukufakwa kwiFacebook kwabanjwa beshayela bephuzile'

Zimbili Vilakazi|Published

AMAPHOYISA eRoad Traffic Inspectorate kwesinye sezivimbamgwaqo ehlola ijiki kumshayeli

Image: FILE/ KZN Transport

SISHAYA amakhala isazi sezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala, ngalabo ebebebanjwa benza okungafanele emigwaqweni bese bethwetshulwa izithombe nama-video okuphanyekwe ezinkundleni zokuxhumana wuMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal. Uthe lokhu kuphambene nomthetho, futhi kunyathela amalungelo abasolwa.

Umnyango ubusembhidlangweni wokunciphisa izingozi zomgwaqo ngamaholidi, nokuvele ukuthi kube yimpumelelo ngokwezibalo ezikhishwe muva nje. Umnyango ubuphake inqwaba yamaphoyisa omgwaqo, abenza izivimbamgwaqo ezindaweni ezehlukene esifundazweni ngaphansi komkhankaso othi #NenzaniLaEzweni. 

Amaphoyisa eRoad Traffic Inspectorate (RTI) esebenzisana naweSAPS kanye nawomasipala abehlala amagqozo kulabo abebabamba ukuthi baphula umthetho okubandakanya abashayela bedle amanzi amponjwana, abebehamba ngesivinini esiphezulu, abebesebenzisa izimoto ezingekho esimeni esikahle kanjalo nalabo abangenamalayisensi okushayela nokunye. Kodwa kubukeke umkhankaso uqonde kakhulu abebeshayela bephuzile ngoba njalo emva kwezimbamgwaqo bekhukhishwa izibalo zabo futhi kuchazwe nangemisebenzi eyenziwa ababoshiwe. Belibhubha ngokuboshwa kwamasosha, amaphoyisa, othisha nabahlengikazi. Kuke kwavela kabili nokuthi kubalwa nabefundisi kwabakhalelwe ngamasongo kaSigonyela.

Umnyango ububuye uziphanyeke enkundleni yokuxhumana iFacebook izithombe zabanye balabo ababanjwe bephula umthetho. Kokunye ububuye uphanyeke ama-video uma kube nesigameko njengokuthi obeboshwa uzame ukubaleka okanye obegolozela amaphoyisa.

UZikalala uzwakalise ukuthi ngokomthetho akuvumelekile ukuphanyekwa kwezithombe zalaba. 

Uthe njengoba kwaziwa ukuthi akuvumelekile ukuveza umuntu osolwa ngecala elithize engakaveli enkantolo, ukuthwetshulwa kwabo nakho akuvumelekile uma kwenziwa ngenhloso yobupigogo bokubukisa ngabo ezinkundleni zokuxhumana. 

Nokho uthe ngokubuka kwakhe abe-RTI bebenobuchule uma bethwebula njengoba abebusitha ubuso.

“Amalungelo abo bebewanyathela ngoba bebesengabasolwa emacaleni okuthiwa bawenzile, kodwa ngakolunye uhlangothi abomnyango bangazivikela ngelithi bebengabuvezi ubuso,” kusho uZikalala, othe nakuba kunjalo, abantu abamaziyo umuntu, bayabona ukuthi ngubani  osesithombeni okanye kwi-video. 

Isolezwe libone kwamanye ama-video ezinkundleni zokuxhumana buvezwa ubuso babasolwa njengasesigamekweni somlisa mumbe obanjwe nenqwaba yezibhamu eMariannhill Toll Plaza, ePinetown. Nomfokazi okinatelwe eMlaza ngempelasonto okuthiwe nguMthembu, obeboshwa amaphoyisa amabili okuthiwe anesibongo esifana nesakhe, naye uvezwe engafihliwe ngoba i-video beyiqoshwa bukhoma.

UZikalala uqhube wathi abathwetshuliwe bangakwazi ukukulwa lokhu ngenkantolo, ngokuthi bavule amacala okudicilela phansi isithunzi. Uthe uma bethukiwe ngesikhathi bethwetshulwa, bangalengeza necala lokuhlanjalazwa. 

Uveze ukuthi ukufaka enkantolo icala ngalezi zithombe noma ama-video kungenzeka ukuthi kube nomdonsiswano omude njengoba abameli bomnyango bengalwa ngephuzu elithi “kodwa ubuso negama umnyango awukuvezanga” bese kuyezwakala ukuthi abalowo ofake icala babeka maphi amaphuzu.

Uthe uma kungenzeka othwetshuliwe ephuma phambili ecaleni, angaba nelungelo lokuthi enze isicelo sokuthi uhulumeni umnxephezele ngokwehliswa kwakhe isithunzi. 

Okhulumela umnyango, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, akangenanga kwabekubuziwe kodwa uthe bayasamukela isimemezelo sokuncipha kwesibalo sababhubhe ezingozini zomgwaqo.

“Lokhu kube ngenxa yomkhankaso i#NenzaniLaEzweni obuthe chithisaka, ubheka abashayela bephuzile. Sizoqhubeka nokubasusa emigwaqweni yethu abashayela budedengu ngaphambi kokuthi babulale abanye abantu abasebenzisa umgwaqo,” kusho uSibiya. 

Uthe emigwaqweni, benza umsebenzi wabo beqondiswa yimigomo ethize yokusebenza.