ABESIBHEDLELA iPrince Mshiyeni Memorial bakhuthaza abantu besifazane ukunikela ngobisi lwebele oluwusizo kakhulu ezinganeni ezizalwe kungakabi yisikhathi esifanele
Image: SITHUNYELWE
ABESIBHEDLELA iPrince Mshiyeni Memorial, eMlaza, eningizimu yeTheku, sebehlabe ikhwelo lokukhuthaza abantu besifazane ukunikela ngobisi lwebele ukuze kusizakale izingane ezincane ikakhulu ezitetwe kungakabi yisikhathi.
Lokhu kushiwo yi-dietician yakulesi sibhedlela, uNksz Nicole Govender, odalule ukuthi okwenza baqhubeke nalo myalezo wukubona kwanda izingane ezizalwa kungakabi yisikhathi esifanele esibhedlela sabo, nokuba nenkinga yokuzikhulisa ngendlela efanele.
“Sifuna ukusiza ukunqanda ukudloba kwale nkinga ngenxa yokuthi isikhathi esiningi uma umuntu wesifazane etete ingane kungakabi yisikhathi esifanele, akabi nawo amandla okuncelisa umntwana wakhe. Lokhu kwenza ukuthi umntwana angakhuli ngendlela efanele nokumbeka engcupheni yokugula noma afe nokufa ngoba uma ezalwe kuleso simo usuke edinga ubisi lwangempela futhi olunomsoco ukuze akhule kahle nangokushesha,” kusho uNksz Govender.
UNKSZ Phumzile Mabaso, owunesi esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, osebenza ophikweni olwamukela ubisi lwebele olunikelwa kulesi sibhedlela ukusiza izingane ezizalwe kungakabi yisikhathi
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba uthe kusukela beqala lolu hlelo ngo-2017, abalubiza ngokuthi yiPrince Mshiyeni Memorial’s Human Milk Bank, sebesize izingane ezingaphezu kuka-107, ngosizo lwabesifazane abawu-96 abasukumele phezulu bazonikela ngobisi lwabo lwebele, okwenze ukuthi isibhedlela sibe namalitha awu-77 obisi lwebele olusiza izingane.
“Kodwa lokhu akwanele njengoba sisadinga ukuthi kube khona abanye besifazane abasukumela phezulu ukweseka umbono wethu ukuze sihlenge izingane eziningi ezisuke zizalwe ngale ndlela, ngoba ngale kokuthi abazali bazo basuke bengenawo amandla okuncelisa lezo zingane, kwesinye isikhathi bavinjwa yizimo zempilo.
“Siyakuqinisekisa nokuthi akubi nabungozi ekwenzeni kwethu lokhu njengoba sihlale senza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu wesifazane ofuna ukunikela siyamhlola futhi siqinisekise ukuthi isimo sempilo yakhe siyavuma yini ukuthi enze lokho. Sifisa ukuthi abantu bazi ukuthi akunabungozi njengoba ngisho usunikele ngobisi lwakho lwebele, uyaqhubeka futhi ukwazi ukulukhiqiza ngendlela ejwayelekile,” kusho uNksz Govender.
Ukhuthaze abafisa ukweseka umbono wabo ukuthi babathinte ku-031 907 8754, waveza nokuthi isifiso sabo esikhulu wukunabela ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal yonkana, kungabi wukuthi basiza abantu abakhele uMlaza namaphethelo njengoba kunjalo okwamanje.