Izindaba

Isexwayiso ngengozi yokugijimela emanyuvesi kuphela kwabaphase u-matric

Simangaliso Ntshangase|Published

KUCETSHISWA abafundi abaphase u-matric ukubheka ezinye izindlela zokuphila, benganciki emfundweni yasezikhungweni zemfundo ephakeme kuphela

Image: SITHUNYELWE

NJENGOBA iNingizimu Afrika isajabulela futhi ihalalisela abafundi baka-matric wangonyaka odlule abaphase ngo-88%, kukhuthazwa ukuthi abafundi basukumele eyokubheka ezinye izindlela abangazisebenzisa ukuqhuba impilo, kubalwa ukugxila ekuthuthukiseni amakhono abo ezamabhizinisi ukuze bakwazi ukuzimela.

Lokho kushiwo wuMnuz Shawn Theunissen, umnikazi weProperty Point and Entrepreneurship to the Point (ETTP), ejobelela ngokuthi nakuba le miphumela ka-matric iwuphawu lokuphumelela, kepha futhi iyisikhumbuzo sokuqala kobunzima bempilo obuzobhekana naasebephothule leli banga.

“Siyaziqhenya kakhulu ngabafundi bethu nothisha ngomsebenzi wabo neqhaza elibanjwe wumphakathi ukuze izingane zethu ziphase kahle kanjena. Kodwa-ke kuhle futhi ukuthi sibhekane neqiniso lokuthi ukuphasa kwabo akwanele uma kuhamba kodwa. Kusekhona inselelo yokuthi bazokwenza kanjani ukuthi ukuphasa kwabo kuthele izithelo ezinhle nezibonakalayo ezizosiza ukufukula umnotho wezwe,” kusho uTheunissen.

Eqhuba, uthe kulo 88% ophasile kubafundi abawu-900 000 ababhalele ukuhlolwa kuka-matric nyakenye, bayingcosana abazothola ithuba lokuqhubeka nemfundo ezingeni lemfundo ephakeme. Uthe iningi labo lizobe lizihlupha ngokufuna umsebenzi, libheka futhi amakhono elingase liphephele kuwona ukuqhubeka nempilo, okuyinto engelula neze.

“Ekusebenzeni kwethu nosomabhizinisi abasebasha nabasafufusa ezweni, sesibonile ukuthi abafundi abaningi abaphothule u-matric basuke sebefuna ukuthi kube khona into abagxila kuyona yokuzimela. Lokhu kugcina kungenzeki ngenxa yokuswela ulwazi, amathuba, abeluleki nemakethe yokufukula nokuthuthukisa lokho osuke usukuqalile,” usho kanje.

UTheunissen uxwayise ngokuthi kuyingozi kakhulu ukukhuthaza abafundi abaphothule u-matric ukuthi bancike ekutheni baqhubeke nemfundo emazingeni aphakeme kuphela. Uthe kwenza abanye bakhohlwe amakhono nemisebenzi yezandla abangagxila kuyona futhi lokho kubasebenzele.

“Kuhle ukufunda nokuqhubeka nemfundo ezingeni eliphakeme kodwa kumele singakubalekeli ukuthi sinentsha enamakhono nenothando lwezamabhizinisi ezweni lethu, futhi engachuma iye kude nempilo uma ikhuthazwa ukuthi inamathele ezintweni ezinjalo. Kumele kutshalwe nemali eyanele ezinhlakeni nasezinhlelweni ezinjalo ukuze kwenzeke kalula, bese kusiza ukufukula umnotho, kuliwe nanendlala yamathuba emisebenzi,” kucebisa yena.

Uphonse inselelo yokuthi kwandiswe futhi kwesekwe izinhlelo zokweseka nokufukula osomabhizinisi abasafufusa, futhi kubekwe eqhulwini ngenxa yobumqoka bakho.

“Asijabulele impumelelo ka-88% wabafundi baka-matric, kodwa futhi sizibuze ukuthi sizokwenza kanjani ukuthi u-100% wabantu abasha ube neqhaza olibambayo emnothweni kungakhathalekile ukuthi ulandele luphi uhlelo lokuqhubeka nempilo emva kuka -matric. Ilele lapho nje ukuze sakhe izwe elinenqubekela phambili,” kusho uTheunissen.