Umfanekiso wezindawo zokuhlala ezakhiwa e-UKZN.
Image: SHERELEE CLARKE
I-UNIVERSITY of KwaZulu-Natal (UKZN) isihlabe yahlikiza umbiko okhishwe ngabenkampani iGravitas ngemvume yeProperty Point, obudalule ukuthi ibambisene nale nyuvesi ukwakha izindlu ezizohlala izitshudeni.
I-UKZN ikhiphe isitatimende lapho idalule khona ukuthi umbiko awulona iqiniso futhi uyadukisa ngenxa yokuthi yona ayazi lutho futhi ayihlangene nohlelo lokwakhiwa kwalezi zindlu, futhi ayinabudlelwano nenkampani ezakhayo.
“Inyuvesi ayihlanganise lutho nomuntu obambe iqhaza ekwakhiweni kwalezo zindlu, futhi ukuthi lezo zindlu zakhiwe eduze kophiko lwenyuvesi iHoward akusho lutho njengoba ingahlanganise lutho nazo nakho konke okuqhubekayo ngohlelo lokwakhiwa kwazo.
“Ngakho ukuthi lolo hlelo ngolwe-UKZN noma uphiko lwayo iHoward akulona iqiniso futhi kuwumbiko odukisayo nongelona iqiniso ngoba akukho budlelwano, ukusebenzisana noma isivumelwano sokusebenzisana phakathi kwenyuvesi nabaqhuba lolo hlelo lokwakha,” kucacisa isitatimende se-UKZN.
Siqhuba, sidalule ukuthi i-UKZN ayikaze ithintwe noma yaziswe ngakho konke lokho okuqhubekayo ngalolu daba, yakuhlaba yakuhlikiza ukuthi kuthiwe iyingxenye yalolu hlelo okuvele ukuthi luzodla imali engaphezu kuka-R449 million, futhi lwakhe amathuba omsebenzi angu-1 200 bese lufukula nomnotho wendawo.
“Siphoxekile ngokuthi asithintwanga ukuze siphawule ngalokhu andukuba kushicilelwe udaba oluthinta igama lenyuvesi, futhi sizothatha izinyathelo zokuqondisa lo mbiko emphakathini ukuze sigweme isimo esinjena ngokuzayo,” basho kanje.