Mbhishobhi Victor Mnculwane
Image: SITHUNYELWE
IMOTO kaMbhishobhi Victor Mnculwane we-Diocese yaseZululand ayidunwe yizigebengu ngoLwesihlanu, eMpangeni
Image: SITHUNYELWE
BEKUNGESIKHO okokuqala uMbhishobhi wamaSheshi eZululand, i-Anglican Church of South Africa, esinda ebhekene nombhobho wesibhamu njengoba ephinde wadunwa imoto ngoLwesihlanu.
Kuhlaluka ukuthi eminyakeni edlule, uMbhishobhi Victor Mnculwane, ngesikhathi esenguMfundisi Ekuvukeni, KwaMashu, wavinjezelwa yizinswelaboya ezazimphuca imoto, zamdubula amahlandla amaningi.
Kumphindile futhi lokhu njengoba ephinde wakhonjwa ngesibhamu kanti ibandla ngomlomo kaNobhala weDiocese yaseZululand, uMfundisi Mondli Nkosi, libonga ukusinda komphefumulo njengoba ephume engenamyocu kulandela isehlakalo sokudunwa imoto iToyota Fortuner emhlophe.
Uthe umgilwa bamvimbezele eNdlangubo, emgwaqweni ophakathi kweShowe neMpangeni.
UMBHISHOBHI Victor Mnculwane wathathwa nomkakhe ebekwa izandla wubuholi bebandla eminyakeni edlule kade esinde edutshulwa KwaMashu
Image: SIGCINIWE
“Ubehamba yedwa esuka eGarden Clinic, eMpangeni, esebuyela ekhaya eShowe. Bamvimbezele behamba ngenye imoto. Bathe uma bephumelela ukumsabisa ngesibhambu, bamfaka ebhuthini, base behamba naye,” kusho uMfu Nkosi.
UNkosi uthe baze bayomlahla phakathi ehlathini elikhulu eliseMasangweni, eMpangeni, wathi bathathe zonke izinto zakhe ezibalulekile okukhona kuzo amaselula kanjalo nemali.
“Emva kwesikhathi, ube eselibhadula ngonyawo ehlathini lendawo angayazi, waze waphumela emgwaqweni, lapho atholane khona nabesilisa bendawo, abatshele ngosekumehlele,” kusho uMfu Nkosi.
Uthe laba besilisa bamyise enduneni yendawo ebikelwe ngodaba maqede kwazanywa imizamo yokuthi ayiswe ekhaya, kwavulwa necala, wathi ngalesi sigameko basola nje ubugebengu obejwayelekile bokudunwa kwabantu izimoto kanti bathi abakholwa ukuthi bekuyisigameko ebesibhekiswe kumgilwa siqu.
Nakuba sibethusile isigameko kodwa babonga ukuthi abasolwa abamenzanga lutho.
“Ngoba kokunye, kuye kube kubi kakhulu, bayithathe imoto kodwa futhi baphinde bakubulale. Sibonge ukuthi lokho akwenzekanga kuyena,” kusho uMfu Nkosi othe namanje imoto ayikatholakali, wathi umgilwa uyazama ukuqina kulandela okumehlele.
“Sibonga ukuthi impilo yakhe ihlengekile. Sifisa ukuthi thina bantu baseNingizimu Afrika silwele ukuphathana kahle, izigameko ezifuze lezi ziphele,” usho kanje.
Uthe abantu badalelwe ukwenza intando kaNkulunkulu, ukwenzakalisa omunye umuntu kuphambene nentando kaNkulunkulu.
“Sibonga ukuthi isihluku singabi sikhulu kangako ngoba akabulawanga,” usho kanje.
UMfu Nkosi uthe umgilwa unguMbhishobhi weDiocese yaseZululand enamagatsha angu-54.
I-voicenote ezungeza ezinkundleni zokuxhumana iveza ukuthi uphucwe iselula, amakhadi asebhange, base bemfuna imininingwane ye-tracker.
"Bamkhiphe ehlathini bazama ukumgada. Kube khona abakwenzayo emakhadini akhe ngaphambi kokuba bawabuyise nomazisi. Aphelile amahora amathathu bezama ukulwa into ye-tracker," kusho i-voicenote.
Iqhuba ithi ngenhlanhla abamshayanga ngoba uzamile ukulwa, waze waphoseka emfuleni uMhlathuze kodwa wahlengwa yibo futhi ukuthi angamuki namanzi.
"Baze bambuza ukuthi wenzani baba, ulwelani ngoba thina asifuni ukukulimaza?" kusho i-voicenote, ethi bagcine behamba nayo imoto, yena wathi ukuhoba kancane isikhathi esingangehora, kwaba yima ezama ukuhamba ayofuna usizo.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphefumuli ngodaba.