KUSALE kunje kweminye imigwaqo yaseJozini, kugasela izikhukhula
Image: SITHUNYELWE
ILINGANISELWA ku-158 imindeni ekhahlanyezwe yizikhukhula ezigasele eJozini, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.
Lokhu kudalulwe uMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi izolo, ngesikhathi ehambele indawo, ekhashwe yiMeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnuz Siphile Mdaka, kanjalo neyaseJozini, uMnuz Scelo Myeni.
Phakathi kokunye, uButhelezi ubeyohlola umonakalo bese ehambisa nosizo oluphuthumayo kulabo abakhahlamezekile, olufaka phakathi ukudla kanjalo nokunye.
UBUHOLI bukahulumeni emazingeni ehlukene buhlola umonakalo odalwe yizikhukhula eJozini
Image: SITHUNYELWE
Ngokusho kukaButhelezi, kulesi sibalo kukhona imindeni engu-70 esale dengwane njengoba amakhaya ayo ecekeleke phansi wonke.
Uthe ngale kwalokho, kukhona nengqalasizinda ekhahlamezekile okukhona kuyo imigwaqo. Umgwaqo uR449 uphenduke ohamba izimoto emzileni owodwa njengoba owesibili ucekeleke phansi.
“Sibonga ukuthi akubanga khona muntu oshonayo noma olimalayo ngenxa yezikhukhula endaweni,” kusho uButhelezi.
Ubongele umndeni wakwaHlengethwa njengoba kubonakale umuzi wawo uvele kancane emanzini ezinkundleni zokuxhumana.
“UNksz Maningi Hlengethwa nezingane zakhe ezintathu baphume ngembobo yenalithi nakuba bayaphila,” kusho uButhelezi oveze ukuthi laba bakhoseliswe yizihlobo zabo emva kokulahlekelwa yikho konke abanakho.
Uthe njengoba evakashele indawo, izinhlelo ezifaka phakathi uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ziyaqhubeka njengoba kuzoqalwa uhlelo lokuthi labo abalahlekelwe yikho konke, bathole izindawo zokuhlala zesikhashana.
Ube esekuveza ukuthi bayasamukela isimemezelo esikhishwe abeNational Disaster Management Centre (NDMC) ngoMgqibelo, esithi umonakalo obonakele usezingeni lenhlekelele kazwelonke.
Uthe lokhu kunika igunya uhulumeni kuwo womathathu amazinga ukuthi ubambisane ekuletheni usizo.
“Lokhu kuzosiza nasekutheni omasipala baphinde babuyekeze imali ngenhloso yokubeka eqhulwini eyokulungiswa komonakalo odalwe yizikhukhula,” kusho uButhelezi.
Uncome amathimba abezinhlekelele, athe asalokhu eqhubeke njalo nokukhombisa ukuzimisela, esebenza ngokuzikhandla ukuxwayisa imiphakathi, aphinde ayiyise ezindaweni eziphephile uma kuba khona isidingo, aphinde anikezele nokweseka uma kudingeka.
Uthe imiphakathi ayiqhubeke iqaphele njengoba kubikwa ukuthi imvula ayikapheli.
Related Topics: