Kunconywe iKZN ngeziboshwa eziphase u-matric
Image: X
Kunconywe iziboshwa ezenze kahle emiphumeleni ka-matric yangonyaka odlule
Image: X
ZICHONYWE uphaphe lwegwalagwala iziboshwa eziphumelele ngamalengiso izivivinyo zika-matric, ezigqunywe emajele akuleli.
IKwaZulu-Natal, ihambe phambili ngabaphase u-matric.
Isikole esisejele iDurban Westville, i-Usethubeni Correctional Centre, yisona esiqwaqwade ezinye izikhungo ngokuthola u-100% kuleli banga. Bonke abangu-31 ababhalile kulesi sikhungo baphase ngamaBachelor.
UNgqongqoshe wokuHlunyeleliswa kweziMilo, uDkt Pieter Groenewald, uthe sebebonke ababhale esifundazweni bangu-50, abangu-45 babo, baphumelele ngama-Bachelor.
"Sekuphele iminyaka engu-10 lesi sikhungo siphasa ngo-100% iminyaka ilandelana. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi ukufunda akumi uma umuntu egqunywe ejele. Kusengenye yezindlela zokuhlumelelisa izimilo kulabo abasuke begcinwe ezikhungweni zethu," usho kanje izolo, ededela imiphumela yasemajele eGoodwood Correctional Facility, eWestern Cape.
Uthe noma begqunywe emajele kodwa kubalulekile ukuthi uma bededelwa, kube kukhona abakuphethe.
"Asigcini ngokuthi sibagqugquzele ngakwezemfundo, kodwa sibuye sibafundise ukuthi babuyelwe yithemba nokuzethemba. Ukuboshwa akusho ukuthi kusuke sekuphelile ngawe."
Isikhungo i-Baviaanspoort esiseGoli yisona esilale endaweni yesibili ngokwenza kahle kuleli banga.
UGroenewald uveze ukuthi izinga lokuphasa ezikhungweni zabo libe ngu-94.4%, ladlula nezinga lokuphasa ku-matric kuzwelonke elibe ngu-88%.
Sinyukile nesibalo sababhalile kulezi zikhungo saya ku-180, sisuka ku-171 wango-2024. Zingu-15 izikhungo okuphaswe kuzona ngo-100%, ezikhungweni ezingu-18 kuleli. Bebonke bangu-132 o-A abatholwe abebebhala.
"Kumele siqinisekise ukuthi bathi bephuma la, bebe sebengabantu abangcono, nabashintshile. Sinxusa umphakathi ukuthi ubamukele uma sebephuma ezikhungweni zethu ngoba basuke sebewabonile amaphutha abo."
Uveze nokuthi uma kubhalwa izivivinyo kusuke kuqashwe ngelokhozi ukuthi akukotshelwa nokuthi akubi nokuputshuka kwamaphepha.
"Kubalulekile ukuthi abafundayo benze nezifundo okubalwa iMaths, njengoba sikhula isibalo sabafunda iMaths Literacy. Siyazi ukuthi bangenza kahle uma bezokwesekwa abafunda iMaths."
Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi abesilisa yibona abaningi abazikhandla ngokuthi bafunde kunabesifazane.
Ubonge abaphethe amajele ngomsebenzi abawenzayo nsuku zonke behlumelelisa izimilo.
"Sibonga abafundisayo, abazali kanjalo nezihloblo zabasuke begqunywe emajele ababagqugquzela ukuthi bafunde, baphase noma behleli ngaphansi kwezimo ezinzima. Sibonga nokubambisana noMnyango weMfundo eyisiSekelo ngokuthi ababoshiwe bangalilahli ithemba," usho kanje.