Izindaba

Kulimale nomeli kudutshulwa abantu ngaphandle kwenkantolo eGoli

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kusasetshenzwa lapho okudutshulwe khona abahlanu ngaphandle kwenkantolo eBooysen

Image: X

Abantu ababili (2) badutshulwe babulawa ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseBooysens eningizimu nenkaba yeGoli.

Kulesi sehlo kudutshulwe abantu abahlanu okukhona kubo ummeli kanye nabesifazane ababili abalimale. Imbangela yokudubula ayikaziwa.

UMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo ukhiphe isitatimende esithi ushaqekile ngesigameko sokudubula eNkantolo yeMantshi yaseBooysens namuhla.

"Sisasebenza, nabezomthetho bayalusukumela lolu daba. Okwamanje, kubikwe ukuthi bahlanu abantu abadutshuliwe, ababili bashona," kusho umnyango ngesitatimende.

IPhini likaNgqongqoshe u-Andries Nel uhlelelwe ukuthi azifikele mathupha kule ndawo ukuhlola isimo, kanti uMnyango usalinde eminye imininingwane eqinisekisiwe evela ezinhlakeni zomthetho kanye nakubaphathi bezinkantolo.

 

 

Isitatimende badutshulwe babulawa ngaphandlee somnyango ngokubulawa kwabantu ngaphandle weNkantolo yeMantshi yaseBooysens eningizimu nenkaba yeGoli.

Image: Sithunyelwe