KUXWAYISWA abafundi ngokuthi bahlukane nokuba ngamabhoklolo ezikoleni
Image: Facebook.
KUXWAYISWE abafundi abangamabhoklolo abahlupha abanye ezikoleni nalabo abadala udlame ukuthi kukhona okusina kubajeqeza.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube izolo, kwethulwa umkhankaso wokulwa nabafundi abahlupha nabahlukumeza abanye ezikoleni.
Kulo mkhankaso kuno-R95 million otshalwe yi-European Union kanti wethulwe e-Eldorado Secondary, eGoli.
"Inhloso yalo mkhankaso wukulwa nenkinga yokuhlukumezeka kwabafundi, okwenziwa abanye ezikoleni zakuleli. Silwa nenkinga yokuhlukunyezwa kwabafundi ngokobulili nakho okwenzeka ezikoleni. Sixwayisa abaqhubeka nokwenza izinto ezifuze le ezikoleni ukuthi kukhona okusina kubajeqeza," usho kanje.
Siviwe Gwarube
Image: Supplied
Uthe izikole yindawo yokuthi abafundi bazizwe bephephile futhi bekhululekile nsuku zonke.
"Le mali izosiza ezinhlelweni zokufundisa, ukweluleka kanjalo nokweseka abahlukunyeziwe. Sibeka phambili ukuphepha kwabafundi ezikoleni zethu. Lo mkhankaso awuzogcina lapha, kodwa uzodlulela nakwezinye izindawo," usho kanje.
Uthe ukuhlukunyezwa kwabafundi okwenziwa amabhoklolo, kushiya izibazi eziphuzayo ukuphola kumgilwa.
"Akumele abafundi basabe uma kumele baye esikoleni. Kumele bajabule, balangazelele ukuya khona nsuku zonke, hhayi ukwesaba ngoba kukhona ababahlukumezayo."
Ukufanise nodlame ukuhlukumeza omunye umfundi wathi othisha nabaphathi bezikole bayazenza izaba zokuthi abafundi baphephe.
"Sidinga wonke umuntu abe yingxenye yokuvikelwa kwabafundi. Sidinga nezinhlaka zokuphepha ukuze izikole zethu ziphephe."
Ugqugquzele abahlukunyezwayo ukuthi babike bangafeli ngaphakathi.
"Akubona ubugwala ukuthi uyahlukunyezwa. Kumele ubike ungafeli ngaphakathi uma kwenzeka uhlukumezeka. Ngaleyo ndlela kuzoba lula ukuthola usizo kuphinde kuthathelwe izinyathelo labo abahlukumezayo," kusho uNksz Gwarube.
Ugxeke nalabo abasuke bebukela bengenzi lutho uma kukhona umfundi ohlukunyezwayo.
"Abangathi vu uma kukhona ohlukunyezwayo bavikela umhlukumezi, hhayi umgilwa. Yingakho kumele ningathuli uma kunezehlakalo ezifuze lezi," kuqhuba uNksz Gwarube.
Ngesikhathi ememezela imiphumela ka-matric ngeledlule, uNksz Gwarube wakuveza ukuthi kulo nyaka bazogxila emkhankasweni wokulwa namabhoklolo ezikoleni.
Okunye okuhlale kukhulunywa ngakho yindaba y lothisha abaqhubeka nokulala nabafundi, abanye baze babakhulelise. Laba bakhonjwa indlela, basulwe nasemkhandlwini obhalisa othisha uma belahlwe amacala.
Related Topics: