UMSOLWA uMnuz Sibongiseni Johannes Mbhele evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, ngecala lokubulala
Image: ZIMBILI VILAKAZI
UGCWALE ngaphakathi eNkantolo yeMantshi yasePinetown, waze wasala ngaphandle umphakathi waseCoffee Farm, KwaNdengezi, obuwotha ubomvu, kuvela umakhelwane osolwa ngokubulala omunye izolo.
UMnuz Sibongiseni Johannes Mbhele uvele enkantolo ngecala lokubulala umakhelwane wakhe uMnuz Kholwani Cele (34) ngo-Okthoba 23 nyakenye, emsola ngokuthandana nomkakhe.
UCele ubelokhu abikwa njengomuntu odukile kulandela ukuthi engabuyanga ekhaya kade eye emsebenzini eNorthdene, eQueensburgh, ngosuku lwesigameko.
Kuvele ngoLwesihlanu, ukuthi wenzakaliswa uMbhele nabanye besilisa ababili bendawo, emva kokuthi uMbhele ezinikele emaphoyiseni aseMariannhill, wafike wagonyuluka ngokwenza icala. Kuthiwa egonyuluka, utshele amaphoyisa ukuthi bambulala bambelethisa itshe, bamphonsa emfuleni uMngeni, ngaseSpringfield.
Ngesikhathi evela phambi kwenkantolo, umshushisi woMbuso, uMnuz Sfiso Mtshali, utshele inkantolo ukuthi bazosiphikisa isicelo sebheyili.
Uveze ukuthi bewuMbuso basalinde incwadi efungelwe kamphenyi wecala, uDetective Sibongiseni Mbonambi.
“Alikabi bikho nekheli eliqinisekisiwe umsolwa angaphuma ayohlala kulo uma kwenzeka ededelwa ngebheyili,” kusho uMtshali.
Ummeli kamsolwa uthe likhona ebese belinike umphenyi, wathi uzoledlulisela kumshushisi.
Imantshi, uNkk Wendolyn Robinson, ilihlehlisele uLwesibili oluzayo icala ukuze uMbhele afake isicelo sebheyili nokuthi umphenyi alethe incwadi yakhe efungelwe.
Umfowabo kamufi, uMnuz Sboniso Cele obekhona enkantolo, uthe babheke ukuthi umsolwa angayinuki ibheyili ngoba akumfanele ukuhlala nomphakathi.
“Akanayo indawo emphakathini emva kwale nto ayenzile. Besimethemba. Ezwana nomndeni wethu okufaka phakathi noKholwani. Akwenzile kukhombise ubulwane, akumfanele ukubuya azohlala nathi emphakathini,” kusho uCele.
Uqhube ngokuthi nomphakathi udinwe uyafa ngesigameko, yikho usukume phansi wayobeseka enkantolo.
“Abantu badiniwe, bakhala ngokuthi ubewubaba othembekile emphakathini kodwa wenza isenzo esiwubulwane,” kusho uCele.
Ngesikhathi libizwa igama lakhe (umsolwa), engena ebhokisini, umphakathi obuhleli ngaphandle, ugaleleke ngaphakathi. Abanye baze bazama ukuhlala ebhentshini elibheke emuva, kwaphoqa ukuthi bakhishelwe ngaphandle, iphoyisa lithi akuvumelekile ukuthi bahlale bafulathele inkantolo.
Kuthe esephindiselwa ekhulukuthu, amanye amalungu omphakathi anxapha, enziwa ukudinwa, embuka eyosithela.
Related Topics: