Mugwena Maluleke
Image: Kopano Tlape/GCIS
ZIBHODLA umlilo izinyunyana zabasebenzi bahulumeni ngesinqumo seGovernment Employees’ Medical Scheme (GEMS), sokuhlabela phambili sinyuse imali ye-medical aid, ekubeni uhulumeni ezonyusa lo mhlomulo ngenyanga ezayo.
Izinyunyana zikhala ngokuthi iGEMS inyuse imali ngo-9.8%, ekubeni zazikuchithile ukunyuswa kwale mali ngonyaka odlule, zathi kunyuswe le mali nje, uhulumeni umemezele ukuthi uzoze awufake ngo-Febhuwari 2026, umhlomulo we-medical aid ka-4.5%.
I-Public Servants Association (PSA) ithe ixoxa nabameli bayo ngokuthi iziphi izinyathelo engazithathela iGEMS, ngokunyusa imali ngenkani.
UMnuz Mlungisi Ndlovu, ibamba lemenenja lePSA kuzwelonke, uthe basamile ekutheni abahambisani nesinyathelo sokunyuswa kwale mali.
"Simatasa sixoxa nethimba labameli ngoba sikholwa ngukuthi inyuswe kakhulu imali. Sizoqhubeka silwe nokunyuswa kwemali nokuqinisa ikhanda kweGEMS."
Uthe emhlanganweni wangonyaka odlule, iGEMS yabuya nesiphakamiso sokuthi ingehla ifinyelele ku-9.5%, isuka ku-9.8%.
"Yathi ngeke ikwazi ukwehla ngaphansi kwalo-9.5%. Sakuchitha nalokhu ngoba kuzoshaya abasebenzi ngasezimalini," usho kanje.
NeSadtu ithe abasebenzi bashayekile njengoba uhulumeni engazange ayinyuse imali ye-medical aid kule nyanga.
UNobhala Jikelele weSadtu, uDkt Mugwena Maluleke, uthe umqashi uveze ukuthi uzokhokha u-4.5% ngoFebhuwari 1, 2026, bese ephinde ekhokha enye ingxenye kusuka ngo-Ephreli.
"U-4.5% uzokhokhwa usuka kuJanuwari 1, 2026 kuya kuMashi 31, 2026. Kuzobe sekwengezwa u-0.5% kusuka ngo-Ephreli 1 kuya kuMashi 31, 2027," usho kanje.
Ukhale ngokuthi sekuphenduke insakavukela ukuthi uhulumeni angayinyusi imali uma kuqala unyaka, wathi bafuna kuphele lokhu.
"Savumelana emhlanganweni wesigungu esiphezulu seSadtu ngoDisemba nyakenye, ukuthi kuzomele sihlangane noNgqongqoshe woMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, Inkosi Mzamo Buthelezi, ngalezi zikhalazo.
"Sifuna imali ifakwe njalo ngoJanuwari, uma kuqala unyaka. UJanuwari inyanga enzima, esuke idinga imali ngakho sifuna abasebenzi bathole okungokwabo ngesikhathi esifanele."
Uthe basaqhubeka nokubheka ezinye izindlela zokuqinisekisa ukuthi uyehliswa lo 9.8%.
"Sibheka nezinye izinto okubalwa nokuthi abasebenzi baye kwezinye izinkampani zama-medical aid kodwa baqhubeke nokuthola imali efanayo kuhulumeni. Kakade iSadtu ayikaze isayine ihambisane nesiphakamiso sango-2006, sokuthi kusungulwe iGEMS emkhandlwini wokubhunga ngamaholo abasebenzi bahulumeni," kusho uMaluleke.
Uthe iGEMS yayingasungulelwanga ukuthi yenze inzuzo ngoba kuyaphambana nombono wokusungulwa kwalesi sikhwama nguhulumeni. Nyakenye nezinye izinyunyana zakuchitha ukunyuswa kwemali yilesi sikhwama.
Related Topics: