Izindaba

Iyaqina eyokuthi kubhekwe nempilo ephilwa amajaji nabashushisi

Mhlengi Shangase|Published

Mzamo Buthelezi

Image: Supplied

UFUNA wonke umuntu osebenzela uhulumeni - kubalwa nabaseMnyangweni wezobuLungiswa, okungabashushisi namajaji, kubhekwe impilo abayiphilayo, ukulwa nesihlava senkohlakalo kuhulumeni.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe woMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, Inkosi Mzamo Buthelezi, ngesikhathi ekhuluma ngenkohlakalo edla lubi ayifanise nesihlava somdlavuza ophuca abantu bakuleli okungokwabo.

UButhelezi obekhuluma nabezindaba beNewzroom Afrika, uthe uyahambisana nesiphakamiso sokuthi nabasebenza eMnyangweni wezobuLungiswa kumele kuhlolwe impilo abayiphilayo.

"Ekugcineni sifuna wonke umuntu osebenzela uhulumeni, kwaziwe ukuthi uphila mpiloni. Luvele luqalile uhlelo lokubheka impilo ephilwa abasebenzi bahulumeni kuleli," usho kanje.

Umbiko woMnyango uveze ukuthi onyakenimali u-2024/2025, zingu-8 982 izikhulu zikahulumeni okuhlolwe impilo eziyiphilayo. Kulolu phenyo kuphakanyiswe ukuthi kuphinde kubhekisiswe kahle abangu-172, okubalwa abangu-97 abasebenza ezingeni likazwelonke nabangu-75, abaseminyangweni yezifundazwe.

IHhovisi likaMengameli lithole ukuthi abangu-24, abazange baveze enye yezinto abanazo noma imali abanayo kodwa azikho izinyathelo abathathelwe zona.

UButhelezi uthe uma sebethole ukuthi kukhona okusolisayo, badlulisela ezinhlakeni zomthetho ukuze ziphenye. Basebenzisana nanophiko iSpecial Investigating Unit (SIU), ukwenza uphenyo.

"Kokunye uthola ukuthi umsebenzi udalule ukuthi unezimoto ezimbili kodwa uma sekuphenywa kutholakale ukuthi unezimoto ezine. Uthola ukuthi lezi ezimbili, zindala akasazisebenzisi kodwa akazange azicishe ngaphansi kwegama lakhe, bese kusolwa sengathi ubelufihla lolu lwazi kanti akunjalo," usho kanje.

Uthe abanye babanjwa ngokuthi amagama abo asuke evela ohlwini lwabantu abanezinkampani.

"Uma ubungumnikazi wenkampani ungakaqashwa kuhulumeni, wase usuqashwa kumele usule kuleyo nkampani. Uma kwenzeka ungasuli, igama lakho lizolokhu livela ohlwini lwabantu abanezinkampani ekubeni beqashwe nguhulumeni," usho kanje.

Uveze ukuthi iminyango yezifundazwe iyona eyenza uphenyo ngempilo ephilwa abasebenzi.

"Sizama ukuqinisa uphenyo ngokuthi sibe nethimba labaphenyi eMnyangweni. ukuze kusheshiswe uphenyo. Kuhamba kancane ukuphenya ngoba asinaso isibalo esenele sabazophenya."

Uveze nokuthi basebenzisana nabanye ohulumeni bakwamanye amazwe bathekele ulwazi ngezindlela abazisebenzisayo uma bephenya amacala afuze lawa.

I-DA ifuna uButhelezi azochazela iPhalamende ngokuthi kungani kungekho ngisho oyedwa oseke waboshwa ekubeni bebaningi abasolekayo?

"Akusho ukuthi ngoba uyaphenywa ukuthi usunecala. Wonke umuntu umsulwa aze atholwe enecala kuleli," kusho uButhelezi.