KUSOLWA uthisha ngokushaya umfundi wesikole sabaphila nokukhubazeka eThekwini
Image: SIGCINIWE
KUSALOKHU kunzima ukuthola ukuthula emoyeni emndenini womfundi obefunda esikoleni sabanezidingo ezengenziwe nabakhubazekile iKhulangolwazi Special School, eMontclair, eThekwini, ngenxa yokuhamba kwesikhathi kungenzeki lutho ngothisha osolwa ngokushaya lo mfundi ngaphakathi emagcekeni alesi sikole ngo-2024, ongakaze aboshwe futhi osafundisa khona.
Lokhu kushiwo wunina walo mfundi waseFolweni, eningizimu yeTheku, esiligodlile igama lakhe nelendodana yakhe ukuze bavikeleke, okhala ngokuthi indodana (14) yashaywa yilo thisha ekupheleni kwa-2024, yalimala kabi ebusweni.
Elandisa ngesigameko, unina womfundi udalule ukuthi namanje akucaci kahle ukuthi ingane yakhe yayoneni kuthisha ize ishaywe kabuhlungu kangaka. Uthe isehlakalo sayihlukumeza kakhulu, waze wabona kungcono ukuthi ayishintshise isikole njengoba manje isifunda uGrade 8 esikoleni sayo esisha esiseThekwini.
“Lesi sigameko senzeke ngo-Okthoba ngo-2024, lapho engithole khona ukuthi izingane zazihleli zizidlalela kuverandi wesikole ngenkathi kuqhamuka uthisha wazithethisa, ebuza ukuthi zenzani phandle ngesikhathi sokufunda. Kepha okwangixaka futhi kwangiphatha kabi kakhulu wukuthi kungani kwashaywa ingane yami kuphela kulezo eyayihleli nazo phandle, nokuthi noma ngabe yayone kangakani, kungani ayishaya ngezandla?” kubuza umzali.
Eqhuba, uthe okunye okumphatha kabi wukuthi kwala ngisho esevula icala esiteshini samaphoyisa eMontclair, kuze kube yimanje akakaze aboshwe lo thisha, okumanje usaqhubeka uyafundisa kulesi sikole.
“Kwathi sengivule icala, umseshi wecala wangitshela ukuthi kumele sizame ukuhlangana nalo thisha nothishanhloko, sibonisane ukuthi kungenziwanjani ukuxazulula lolu daba ngale kokuthi kuze kube khona umuntu oboshwayo.
“Ngizame kaningi ukusukumela lolu daba. Ngaze ngalwedlulisela nakumhloli ophethe isekethi isikole esingaphansi kwayo, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Sihlanganile nomhloli, isigungu esilawula ukusebenza kwesikole nothishanhloko ukubhunga ngalolu daba, nalapho bazama ukungincenga ukuthi ngihoxise icala, kepha ngala ngaphetha ngisho sekukhona othembisa ukungifumbathisa imali ukuze ngivalwe umlomo,” kulanda umzali.
Uthe enye into ebuhlungu nemphatha kabi kakhulu ngalesi simo wukuthi ingane yakhe useyiyise kosonhlalakahle ukuthi bayeluleke, njengoba kubonakala ukuthi lesi simo siyihlukumeze kakhulu kangakanani kodwa inolaka ngisho kwezinye izingane.
“Ngize ngiyikhipha kulesi sikole nje nyakenye, bese kukaningi ngihlale ngibhula umlilo wamacala okuthi isishaye ezinye izingane efunda nazo, okukhombisa ukuthi lesi simo siyihluhlukumeze kangakanani. Kuyenzeka futhi ingibuze ukuthi yashayelwani yilo thisha, ngingabi nazo izimpendulo ngoba nami angazi okwangempela. Ngiyafisa ukuthi kube khona okwenzekayo ngalolu daba ukuze nami ngibe nokuthula emoyeni wami,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aseMontclair aphenya isigameko sokushaywa komfundi ona-14, okusolakala ukuthi kwenziwa ngumuntu amaziyo. Uthe idokodo lalolu daba lathathwa ladluliselwa kumshushisi ukuthi kube nguye onqumayo ngokuzokwenzeka ngalo.
Kuthintwa inhloko yezokuxhumana eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi ucele imininingwane yengane neyomzali, kepha kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela engakabuyi nempendulo entathelini.