UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela
Image: Siyabulela Duda
KUYALWE abaxhaswe yisikhwana iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS), ukuthi bangalinge bavume ukukhokhiswa imali yediphozithi yizikhungo zemfundo noma omastende ngoba lokhu kuphambene nemigomo.
Lesi sexwayiso sikhishwe ngusihlalo wekomiti lezeMfundo ePhakeme nokuQeqesha ePhalamende, uMnuz Tebogo Letsie, njengoba izitshudeni zibhalisa ezikhungweni zemfundo.
ULetsie uthe bayazi ukuthi kukhona izikhungo ezifuna imali yediphozithi kwizitshudeni ezisuke zisalinde imali evela kulesi sikhwama.
"Kukhishwe umyalelo wokuthi umuntu oxhaswe yilesi sikhwama, akumele akhokhe ngisho isenti ezikhungweni zemfundo. Siyazi kukhona labo abafuna ukuthi kukhokhwe imali yediphozithi okubalwa nomastende yize besuke bezokhokhelwa. Abakhokhiswa imali yediphozithi abasibikele siyikomiti ngokushesha ukuze singenelele," usho kanje.
Uthe bavumelene nanenhlangano emele amanyuvesi kuleli, i-Universities South Africa, ngokuthi akukho nyuvesi ezofuna le mali kwizitshudeni ezixhaswe yiNSFAS.
Kwenzeka lokhu nje, izikhungo zemfundo zimatasa nohlelo lokubhalisa emva kokuba ngeledlule ziphendule abebelinde izimpendulo zokwamukelwa bezokwenza unyaka wokuqala.
Izinhlaka ezehlukene kwezemfundo ephakeme bezihlangene ngempelasonto, zibhunga ngezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi izinto zihamba kahle njengoba kubhaliswa.
Sekuphenduke insakavukela ukuthi minyaka yonke uma kuvulwa izikhungo zemfundo, kuba nemibhikisho ngendaba yoxhaso lweNSFAS nezindawo zokuhlala.
Kukhishwe umyalelo wokuthi izitshudeni zingayi ezikhungweni zemfundo ngaphambi kokuba zithole izimpendulo zokuthi zithathiwe nokuthi ziyitholile nendawo yokuhlala, kulabo abazohlala ngaphakathi.
Lokhu kwenzelwa ukuthi zingabi ondingasithebeni, ezinye zigcine sezilala endle ngoba zibambe olayini zifuna izindawo zokuhlala. Nezikhungo eziningi zemfundo azibemukeli abazifikela qathatha bezofuna izikhala.
UNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uMnuz Buti Manamela, uzotshela abezindaba esithangamini esikusasa, ngokuphume kulo mhlangano.
Ebhala ekhasini lo Mnyango kwiFacebook, uManamela uveze ukuthi abafundi ababalelwa ku-100 000, abaphase ngendlela yokuthi bazokwazi ukuya emanyuvesi, ngeke bazithole izikhala zokufunda ngoba ezikhona zibalelwa ku-230 000.
"Bangu-345 000 abaphase u-matric ngeBachelor, abangakwazi ukufunda emanyuvesi. Inkinga ngukuthi izikhala ezikhona emanyuvesi zingu-230 000 kuphela, kulabo abazokwenza unyaka wokuqala, okusho ukuthi baningi esingeke sikwazi ukubamukela," usho kanje.
Ukhale ngokuthi liphezulu izinga lentsha engasebenzi kuleli emhlabeni jikelele.
"Iyakhula nengcindezi yezimali kuhulumeni njengoba sinyuka isibalo sabafundi abaphasa minyaka yonke. Uhulumeni ukubeke kwacaca ukuthi akekho okumele ancishwe imfundo ngoba entula," usho kanje.
Uveze nokuthi amakolishi amaTVET anezitshudeni ezevile ku-500 000.