UNGQONGQOSHE wezokuThutha uNkk Barbara Creecy nephini lakhe uMnuz Mkhuleko Hlengwa bethula umbiko ngezingozi zamaholidi ePitoli izolo
Image: SITHUNYELWE
UHLONGOZA ukuthi kuphele nya ngomthetho ovumela ukuthi kube khona iphesenti elithathwa njengelamukelekile egazini lomshayeli uNgqongqoshe wezokuThutha eNingizimu Afrika, uNkk Barbara Creecy.
UNkk Creecy ukusho lokhu izolo ethula izibalo zabafe ezingozini emigwaqweni yakuleli ngesikhathi samaholidi okuphela kuka-2025.
Uthe lo mthetho owasungulwa eminyakeni eminingi edlule awusenandawo kule Ningizimu Afrika yanamuhla.
“Akwamukelekile nhlobo ukuthi kungathiwa kukhona umthetho ovumela abantu ukuthi bagoxe utshwala bese beyashayela,” kusho uNkk Creecy.
Uthe akazi ukuthi angaqala ngaphi echazela umuntu olahlekelwe abathandiweyo bakhe engozini yomgwaqo ukuthi kukhona inani lotshwala elivumelekile egazini lomshayeli.
“Sesifikile isikhathi sokuthi siwushintshe lo mthetho ukuze sibe nento ecacile ethi ukushayela uphuzile akuvumelekile,” usho kanje.
Maqondana nezibalo zezingozi kanjalo nalabo abafe ngazo ngesikhathi samaholidi, uNkk Creecy uthe, zehle ngo-5% uma kuqhathaniswa nezamaholidi okuphela kuka-2024.
Uthe babe ngu-1 427 abashone ezingozini ezingu-1 172. Uthe zinhlanu izifundazwe ezinezibalo ezikhombise ukwehla kwabafe ezingozini. Uthe phambili ziholwa yi-Eastern Cape, ilandelwe yi-Free State.
“Zine izifundazwe ezikhombise ukunyukelwa yisibalo sabashone ezingozini. Zona ziholwa yiGauteng, ilandelwe yiWestern Cape, kuze iMpumalanga bese kuba yiNorthern Cape,” kusho uCreecy.
Uthe abakuqaphelile wukuthi u-40% wezingozi ezenzeke ngamaholidi wenzeke phakathi kukaDisemba 15 kuya ku-28.
Uthe lokhu kuqinisekisa abahlale bekusho ukuthi izingozi eziningi azenzeki ngesikhathi abantu begoduka beya ezindaweni lapho abasuke beyochitha khona amaholidi kodwa zenzeka sebefikile kulezo zindawo, sebezibandakanya emibhiyozweni ehlukene yamaholidi.
“Umbiko ukhombisa ukuthi izingozi eziningi zenzeka ebusuku phakathi kuka-7 no-9, bese zilokhu ziqhubeka kize kushaye u-1 entathakusa,” usho kanje.
Uthe isifundazwe iKwaZulu-Natal yiso esizidlule zonke ngokuba nomshayeli obadlule bonke ngokuba nenani eliphezulu lotshwala egazini ngesikhathi ebanjwa amaphoyisa eshayela ephuzile.
“Kuthe uma efuthiswa, kwatholakala ukuthi liphindaphindeke ka-14 izinga lotshwala elithathwa njengelamukelekile egazini kakhe,” kusho uNkk Creecy.
Uthe obaqwaqwade emakhanda ngokubanjwa ehamba ngesivinini esiphezulu, wavinjwa amaphoyisa eNorthern Cape.
“Wabanjwa ehamba ngo-220km/h endaweni ka-120km/h,” usho kanje.
Uthe u-55% wezingozi udalwe yizimoto ezincane, kuthi u-20% udalwe ezithutha impahla (light delivery vehicles), amatekisi adale ezingu-7%, kwathi amaloli adala ezingu-6%.
Uthe zibe ngu-1632 izivimbamgwaqo abazenzile ezweni lonke lapho kumiswe khona izimoto ezingu-1,8 million kwabhekwa ukuthi zisesimeni esifanele ukuba semgwaqweni, abashayeli bakulungele yini ukushayela kanjalo nokuthi amalayisensi akahle.
“Kukhishwe amathikithi angaphezu kuka-450, kwaboshwa abangu-525 ngokushayela ngesivinini esiphezulu,” kusho uNkk Creecy.
Uveze ukuthi bangu-173 000 abashayeli abahlolwe ukuthi abanabo yini utshwala egazini, wathi kubona abangu-8561 batholwe benabo, zabakhalela. Uthe lesi sibalo sikhombisa ukwenyuka ngo-144% uma besiqhathanisa nesikhathi esifanayo ngo-2024.
Ubonge zonke izinhlaka ezithintekayo, wathi wukusebenza kwazo ngokuzikhandla okuholele ekutheni kwehle izibalo zezingozi nesibalo sabadlule kuzona.
Related Topics: