Ejele
Image: Sigciniwe
UGIXATSHEZWE ngodilikajele owesilisa owalahlwa yicala lokubulala iphoyisa lomgwaqo. INkantolo eNkulu yaseThekwini imgwebe udilkajele uPhilakahle Dladla (27) ngecala lokusocongwa kukaSenior Superintendent Arumugam Marimuthoo.
Esigamekweni esenzeka ngoNovemba 4 ngo-2024, ngezithuba zokugamanxa kwehora lesithupha ntambama, uSenior Superintendent Marimuthoo waqaphela ukuthi kunemoto eyayikade ipake maphakathi nomgwaqo eGroutville ngendlela eyayisolisa.
Wabe esebuza umshayeli ukuthi kwenzekani, nowaphendula ngokuthi babanjwe inkunzi. Ngesikhathi uMarimuthoo esehlehlisa imoto kubikwa ukuthi uDladla wavele waqala wavulela ngenhlamvu edubula ebhekise ngqo ephoyiseni. Kubikwa ukuthi wamdubula amahlandla amaningi nje impela.
Ngemuva kwalokho kuthiwa uDladla wabe eseshayela itekisi ebheke ngaselokishini eThembeni linabagibeli ngaphakathi. Abagibeli nabo kuthiwa uDladla wababamba inkunzi ebaphuca izinto zabo wabe esebaleka ngezinyawo wagcwala amathafa.
USenior Superintendent Marimuthoo waphelela endaweni yesigameko, kwabe sekuvulwa icala lokubulala nelokubanjwa kwenkunzi, KwaDukuza. Idokodo labe selidluliselwa oPhikweni loKlebe lwaseThekwini oluphenya amacala abucayi.
Ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa oKlebe bathola imininingwane ngokuthi ukuphi nendawo uDladla. Babe sebeya eMelmoth okuyilapho abafike bambopha khona.
UDladla waya namaphoyisa KwaMashu lapho okwakugcinwe khona izibhamu ezasetshenziselwa ukubulala umufi.Wabe esebekwa icala ngokusemthethweni waqala ukugqigqa enkantolo lapho bekuqulwa khona icala.
Isicelo sakhe sebheyili sanqatshwa njengoba uMbuso wasiphikisa wabe esegcinwa ngaphakathi esitokisini sonke lesi sikhathi. NgoNovemba 7 ngonyaka odlule iNkantolo eNkulu yaseThekwini yamthola enecala.
UDladla ugixatshezwe ngesigwebo sikadilikajele ngecala lokubulala umufi, wagixatshezwa ngeminyaka engu-15 ngecala lokubamba inkunzi abagibeli, iminyaka emihlanu ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni neminye iminyaka emihlanu ngecala lokutholakala nezinhlamvu.
Enkantolo kuvele ukuthi zonke lezi zigwebo uDladla uzozidonsa kanye kanye. Kugwetshwa uDladla nje ngecala lokubulala iphoyisa lomgwaqo ngonyaka odlule kwagwetshwa udilikajele omunye wesilisa waKwaDukuza naye owayelahlwe yicala lokubulala iphoyisa lomgwaqo.