Izindaba

Bayizwa ngendaba inkokhelo abaphakela izikole eKZN

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNksz Siviwe Gwarube, anga omunye wabafundi izolo eNorth West kuvulwa izikole

Image: SITHUNYELWE

ZIVULWE ngebatha ezinye zezikole KwaZulu-Natal njengoba uMnyango wezeMfundo ungayifakanga imali yama-norms and standards, kushoda othisha kwezinye izikole, kanti nabaphakela izikole basakweletwa imali yangonyaka odlule.

Abaphakela izikole kuthiwa kudingeke ukuthi baye komashonisa bayoboleka imali ukuze bakwazi ukuthenga ukudla abazokuyisa ezikoleni. Ezinye zezikole yima bezithola i-stationery kulezo ezithengelwa nguhulumeni lezi zinsiza ngenxa yokuthi umnyango waphuza ukusithenga nyakenye. Ezinye zezikole ezaphephuka nyakenye, okubalwa eziseMgungundlovu, kuthiwa azikalungiswa ngenxa yokuthi imali ayikho.

Okhulumela i-DA kwezemfundo esifundazweni, uMnuz Sakhile Mngadi, ukhale ngokuthi izikole zivulwe ngaphandle kwemali efakwa ngumnyango eyaziwa ngama-norms and standards.

Uthe ne-stationery asifikile kwezinye zezikole ngoba ezinye izikole ziyazithengela, kanti nalezo ezithengelwa nguhulumeni, akuzona zonke ezisasitholile.

"Umnyango uhluleke wukukhokhela abaphakela izikole. Siyakuchitha ukuthi izinkinga zomnyango zenziwa wukuthi uMnyango kaMgcinimafa, uhlulekile ukufaka imali. Le nkinga eyeminyaka emnyangweni wezemfundo njengoba ubuwenza izinkontileka ekubeni imali ingekho, bese uba nezikweletu. Imali ibingaphethwe kahle kulo mnyango," usho kanje.

Uthe nakuba ibe mihle imiphumela ka-matric kodwa ngeke bakuvume ukuthi izingane zithwale kanzima.

Omunye wabaphakela izikole ocele ukungavezwa, uthe abazange bakhokhelwe imali yangoNovemba nyakenye.

"Ngenxa yokuthi sicabangela izingane, siye komashonisa siyoboleka imali ukuze sikwazi ukuthenga ukudla, sikuhambise. Umnyango awuthi vu ngokuthi uzosikhokhela nini imali yangonyaka odlule njengoba siye komashonisa nje ekubeni usikweleta," usho kanje.

Emhlanganweni wothishanhloko beSadtu ngempelasonto, baveze ukuthi kwezinye izikole kunezikhala zothisha ezingavaliwe kusuka nyakenye. Baveze ukuthi akusebenzeki ngenxa yokuthi abatholi zimpendulo emnyangweni kusuka nyakenye. 

KUVULWE kwahlalwa phezu kwezifundo eMbalasi Primary, kwa-A, eMlaza. Phambili wuthisha uNelisiwe Ngidi Isithombe: TumiPakkies/ Independent Newspapers

Image: TumiPakkies/ Independent Newspapers

Esikoleni i-Addington Primary eThekwini, inhlangano i-March and March, ibhekane ngeziqu zamehlo nabanye babahlali abahlanganisa nabokufika kuleli, abahlala kule ndawo kubangwa indaba yezingane zabokufika ezifunda kulesi sikole.

Umnyango wakuveza ukuthi ayikho ingane okumele icwaswe ngoba ingeyokufika noma ingenazo izimfanelo ezifana nesitifiketi sokuzalwa, namaphepha okuba kuleli. Wathi kumele zifunde bese othishanhloko benza imizamo yokusiza abazali ukuthi bathole amaphepha aqondile.

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi, ayiphumelalanga izolo.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuvakashela izikole eNorth West izolo, uthe bayayilungisa inkinga yemali ebhekene nomnyango wesifundazwe.

Uthe awukho umbiko wokuphazamiseka abawutholile ovela esifundazweni.

KUTHE kuvulwa kwahlalwa amagqozo kwafundwa eMbalasi Primary, kwa-A, eMlaza. Lapha abafundi bebesizwa wuthisha uNelisiwe Ngidi Isithombe: TumiPakkies/ Independent Newspapers

Image: TumiPakkies/ Independent Newspapers