Izindaba

Kukhishwe uCia kwiBig Brother Mzansi

Fanelesibonge Bengu|Published

Kukhishwe uCia kwiBig Brother Mzansi engazizwa kahle

Image: X

 

Ukhululwe ukuthi abuyele ekhaya uMarcia “Cia” Morata ohlelweni iBig Brother Mzansi emuva kokubanjwa umunyu wakhala.

IBig Brother Mzansi iqale ngeSonto esiteshini sayo kuDStv channel 198.

UCia uveze ukuthi akazizwa kahle wase eya kuBig Brother eyocela usizo.

Ngokwesitatimende sabohlelo, uthole ukwesekwa wase ehlangana nodokotela wengqondo i-psychologist ukuze ahlolwe.

“Emuva kokuhlolwa futhi kucatshangelwa isimo sakhe, kuthathwe isinqumo sokuthi kumele ahambe endlini kaBig Brother,” kusho isitatimende.

Kuthiwe uzoqhubeka ethole ukwesekwa ngisho esephumile endlini.

Ngesikhathi kuqala uhlelo babe ngu-23 abangenile bezobanga uR2 million. Abasendlini abazi ukuthi kwenzakalani ngaphandle njengoba bengenawo amaselula, ithelevishini nomsakazo.

Kunalokho banikezwa imisebenzi nemidlalo eyahlukene ukuthi bayenze.